ZEHLE mi izinyembezi kwisihlabani se-Afro soul, uZahara, ngesikhathi sichaza ngokusinda kwaso emlonyeni wengwenya iphoyisa lizama ukumdlwengula e-East London, e-Eastern Cape eminyakeni eyedlule.
UZahara ubekhuluma ngalesi sehlakalo ohlelweni lwe-eNCA izolo.
Lo mculi wodumo lwengoma, ethi Loliwe nethi Phendula, ubekhuluma kanjena kungenxa yokwanda kwezigameko zokudlwengulwa nezokubulawa kwabantu besifazane kuleli.
Uthe wanikezwa u-lift yileli phoyisa, badlula endaweni eyisiganga futhi enezihlahla eBuffalo Park, e-East London.
"Ngamchazela ngendawo engiya kuyo. Sesisendleleni, abantu abazi i-East London bazoyazi indawo eyisiganga ebizwa ngeBuffalo Park. Udlula inqwaba yezihlahla, iyisiganga."
Uthe leli phoyisa lalithe liyolanda umkalo nabantu abagibela kulo bese bekhokha njalo ekupheleni kwenyanga.
Eqhuba uthe bathi sebefika lapho kufanele imoto ijikele lapho kwakuya khona uZahara, iphoyisa lathatha omunye umgwaqo.
"Ngathi kufanele ngabe ujikela lapho ngiya ngakhona, wathi angithule. Ngathi kuye ngithuleleni ngoba ngiyazi lapho ngiya khona hhayi ngaphansi kwebhuluho. Waya ngaphansi kwebhuluho. Sesifikile ngaphansi kwebhuluho wangifaka i-pepper spray...waqonda ehlathini eliseduze kwalapho kuhlala khona udadewethu omdala."
Uthe bathi uma befika ehlathini, iphoyisa lakhipha isibhamu lifuna ukumdlwengula.
"Ngamncenga, ngathi 'ngeke bhuti wami ngikhulume noma ngabe ngikubonile. Vele ngikubonile futhi ngiyazi lawuhlala khona. Ngathi akangisindise. UThixo akangidalelanga lento."
Uthe iphoyisa labe seliya ebhuthini. "Angazanga uyolandani ngoba wayephethe i-pepper spray nesibhamu mhlawumbe wayeyothatha ikhondomu."
Uthe akazi kwakwenzekani ngoba wayengasaboni emehlweni njengoba ayefuthwe nge-pepper spray futhi engasakwazi nokuphefumula kahle.
Eqhuba uthe wagcina ekwazile ukuphunyuka naye akazi wakwazi kanjani ukubaleka njengoba amehlo akhe ayengasaboni.
"Nginezibazi emathangeni ezihlale zingikhumbuza lesi sehlakalo engingasoze ngasilibala,"kusho uZahara othe baningi abantu besifazane abadlwengulwayo kodwa bagcine benwuhlabe inhlali ngenxa yezizathu ezahlukene.