UYATHUTHUMELA umndeni kaMnuz Thulani Khanyile emuva kokudedelwa komsolwa onguyisemkhulu Isithombe: SITHUNYELWE
UZONGCWABA kusasa ujeqeza umndeni wowesilisa waseNquthu, isidumbu sakhe esitholakele sesonakele ngoLwesihlanu oludlule ngemuva kokuthi uyisemkhulu obesolwa ngokuzama ukugwazela amaphoyisa okumataniswa necala lokubulala ededelwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

UMnuz Mdelwa Isaac Khanyile (54) ongumnikazi wamatekisi amanye ahambela eGoli, udedelwe ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi eDundee, emuva kokuboshwa ngeSonto. Ubeboshelwe ukuzama ukugwazela amaphoyisa ukuze agqibe ubufakazi ecaleni elimmatanisa nokunyamalala komzukulu wakhe uMnuz Thulani Khanyile (28).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe uKhanyile udedelwe ngenxa yokushoda kobufakazi ecaleni lokugwazela amaphoyisa. Utshele Isolezwe ukuthi uphenyo luyaqhubeka. “Ecaleni lokuthumba nelokubulala kusaboshwe umsolwa oyedwa. Kusolwa ukuthi nguye owagcina ukubonakala nomufi, kumanje usavalelwe esitokisini,” kusho uZwane.

Izolo umndeni kamufi uthe ngeke ungcwabe ngokukhululeka njengoba ungenaso isiqiniseko sokuphepha kwawo.

Uninalume kamufi, uMnuz Qaphela Khanyile, uthe bazwile ukuthi umsolwa udedeliwe ngoMsombuluko kodwa bebethi uphume ngebheyili. “Kuyamangaza ukuthi yibuphi ubufakazi obushodayo ngoba yabonakala ngisho imali abezama ngayo ukugwazela amaphoyisa. Siwumndeni senzelwe phansi kuleli cala.” Uthe bazwile nangokuthi kuboshwe omunye umsolwa ngezinsolo zokuthumba umufi.

Umufi wanyamalala ngoMashi 2 enabangani bakhe esitolo khona eNquthu, kuthiwa wathathwa yimoto engaziwa. Ngokusho kwabangani bakhe kuthiwa emotweni kwabonakala uyisemkhulu. Umndeni washayelwa amaphoyisa ucingo ngoLwesihlanu oludlule mayelana nesidumbu esatholakala eSandlwana. Kuqinisekisiwe ukuthi ngesikaKhanyile, umndeni wasihlonza ngezingubo zakhe yize bese sonakala. Umndeni usola nokuthi umufi wabulalwa kwenye indawo wagqitshwa, wabuye wambiwa wayolahlwa eceleni komgwaqo njengoba uthe isidumbu sasinenhlabathi. Ngesikhathi sokuloba izolo umndeni ubusalinde umphumela kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu njengoba usola nokuthi sicwiyiwe. Umndeni uthe ubungakaze ube nengxabano noyisemkhulu kamufi, ukusolwa kwakhe kuleli cala osekususe ukudideka nokungezwani.