UMCULI weKwaito, uMampintsha, uthe uzothandazela umsakazi weMetro FM izolo ebusuku oveze ukuthi usezohlakanisa nomyeni wakhe weminyaka. Lo msakazi weMetro FM owenza uhlelo lwantambama nomunye umsakazi wesilisa ekhasini lakhe lezokuxhumana, i-Instagram, uveze ukuthi usethathe isinqumo sokuhlukana momyeni wakhe kodwa basazoqhubeka babe abangani.
“Ngithathe isinqumo esibuhlungu sokuhlukana nomyeni wami, isithandwa sempilo yami, indoda yamaphupho ami, usofa silahlane wami. Kwesinye isikhathi into enzima iyonanto enhle ongazenzela yona. Sisazoqhubeka sibe abangani, sibe abazali abaqotho ezinganeni zethu futhi siyohlezi sithandana sikhathalelana,” kusho lo msakazi.
Imiyalezo yokumeseka lo msakazi ingene ilakanyana, abanye bemazisa ukuthi bayamthanda futhi uthathe isinqumo esihle ngokuhlukana nomuntu uma esebona ukuthi umshado wabo ubusungayi ndawo.
Kosaziwayo abaphawulile kubalwa noMampintsha, osanda kukhuluma ohlelweni lalo msakazi, lapho aphekwa khona ngebhodwe elincane ebuzwa ngezinsolo zokushaya umculi owayengaphansi kwesitebele sakhe iWest Ink, uBabes Wodumo. UMampintsha uthe uzomthandazela lo msakazi kulesi sikhathi.
“Uyabonake ubudlelwano bokuthandana ukuthi kunjani dadewethu...njengoba ngangishilo ngaphambilini, ubudlelwano kubuye kuxakane kakhulu. Kodwa ke nawe sizokuthandazela njengoba nathi sisasemthandazweni namanje. Inkosi ikubusise,” kubhala uShimora.
Ngemuva kwalo mbhalo uthole ukugxekwa uMampintsha ngabalandeli balo msakazi abambone njengomuntu ongenazwelo.
UMampintsha nokho uqhube wathatha lo mbhalo wayowufaka ekhasini lakhe ku-twitter wathi: “Siyabathandazela nalabo abangasithandi.”