UTEBOGO Mokoena weSupersport United emdlalweni weCAF Confederation Cup bebhekene ne-Elgeco ngoFebhuwari eLucas Moripe Stadium, ePitoli
UMDLALI osemncane weSuperSport United, uTebogo Mokoena, utusa ozakwabo abanamava eqenjini abamsizile wayibamba ishisa emqhudelwaneni iCAF Confederation Cup.

ISuperSport ihlulwe kowamanqamu weConfederation Cup yiTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC). Ibinyuse amathemba eNingizimu Afrika kwazise ishaye igoli ekuhambeni ihlulwa ngo 2-1 kowomlenze wokuqala. ISuperSport igcine ihlulekile wukushaya igoli emdlalweni womlenze wesibili ophele ngo 0-0 ePitoli.

UMokoena ongayidlalanga yomibili imidlalo ngenxa yokulimala, uthe ufunde lukhulu kulo mqhudelwano.

“Ngiphoxeke kakhulu ngokungadlali kowamanqamu kodwa bengikholwa wukuthi ozakwethu bazowenza umsebenzi kodwa ngebhadi kwagcina kungenzekanga,” kusho uMokoena.

“Ngifundile ngokudlala koweCAF. Bekungelula kodwa ozakwethu abanamava bangisize kakhulu bangeseka. Akulula ukudlala njalo kodwa kufanele ngihlale ngenza konke okusemandleni ukugcina indawo yami eqenjini.”

UMokoena uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iSuperSport idlala ngokulingana ngo 0-0 ne-Orlando Piraets emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku. Ungomunye wabadlali abafike kwezwakala kwiPremiership. UMokoena ukhulele enkulisa iHarmony Academy yaseFree State.

Umqeqeshi weSuperSport, * -Eric Tinkler, umncomile uMokoena ngendlela ayibamba ngayo enkabeni yenkundla.

“Usengumdlali oqavile lapha eqenjini. Ukungabi khona kwakhe kowamanqamu kwasenza sashoda. Sadlala ngaphandle kukaMorgan Gould noYeye (Reneilwe Letsholonyane) kowomlenze wokuqala,” kusho uTinkler.

UMokoena kulindeleke asize iqembu lithole amaphuzu amathathu uma selibhekene neCape Town City kowePremiership eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Ngemuva kwalokho bazobhekana naFree State Stars eGoble Park, ngoLwesithathu ebusuku.