KUSENGENZEKA noma yini ngesicoco seligi okwenza umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela angaliboni iqembu lakhe selidlalela ubala emidlalweni eyisikhombisa esele kwi-Absa Premiership.
NgoMgqibelo iChiefs izokwamukela AmaZulu FC eFNB Stadium ngo-6 ntambama. Lo mdlalo uzofika Amakhosi eseziqhathululile osizini lokushaywa ngomakhelwane i-Orlando Pirates koweligi, okwenze abanye bakungabaza ukuqina kombango wawo wesicoco seligi.
Ngokudedela amaphuzu amathathu kulo mdlalo, ezikaKomphela kuzishiye zingemuva ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiMamelodi Sundowns eqhwakele.
Ngempelasonto zidlulele kuma-quarterfinal eNedbank Cup zishaya iStellenbosch ngo 2-1.
“Cha, cha, asemaningi amaphuzu asazodlalelwa. Kuningi okusengenzeka. Uma ubheka umdlalo weSundowns bese kuba owePirates, kusazodlalwa. Yileyo kuphela indlela okumele ubuke ngayo izinto ngoba size lapha ukuzosebenza,” kusho uKomphela.
Yize iChiefs ibiqala ukuhlulwa iPirates kusukela kuqale umzuliswano wesibili weligi, beyingaqali ukulahla amaphuzu. Idedele ayisithupha idlala ngokulingana neSundowns, iBloemfontein Celtic neBidvest Wits.
Uma izimisele ngokuhlalisa lubhojozi amaqembu angaphezulu kumele ingabe isalahla lutho, iwaqoqe wonke amaphuzu angu-21 asazodlalelwa. Uma yenze njalo izoqeda inamaphuzu angu-56 bese ke imincele ukuthi, iSundowns, Pirates, Free State Stars neMaritzburg bonke bayaqhuzuka.
“Izoba khona ingcindezi emdlalweni (waMaZulu) ngoba nawo azobe ezolwa njengoba efuna ukuzibona ekwiTop 8. Ngemuva kokwehlulwa, ngeke neze kube wumdlalo olula. Banabadlali abahle okuzomele sibaqaphe,” kusho uKomphela.
AmaZulu azofika emdlalweni ezikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa Ubuntu Cape Town ngo 3-2 koweNedbank Cup Last 16. Iqembu likaCavin Johnson belifike lapha izinhliziyo zibuhlungu kade lishaywe iSundowns ngo 3-1 koweligi.
Emzuliswaneni wokuqala Usuthu lwakwazi ukuthola iphuzu bebambana ngo 0-0 neChiefs eKing Zwelithini Stadium. AmaZulu agcina ukuwina kwiChiefs emdlalweni weligi ngo 2-1 ngo-2007 ngamagoli amabili kaLucky Mzizi. EleChiefs lashaywa nguSerge Djiehoua.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoLwesihlanu: Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Chippa United v Free State Stars (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu FC (FNB Stadium, 6pm); Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Platinum Stars (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)