USATHUTHUMELA owesilisa (23) ozithele phezu kwezinja zidla ugebhezi lomuntu eMandeni, ngoMsombuluko ntambama.
UMnuz Paul Dunn, waseNewlands West uthe ubevakashele umkhulu wakhe eMangethe, eMandeni ngesikhathi ebona izinja zibangisana ngogebhezi lomuntu.
“Bengiya esitolo ngesikhathi ngibona izinja zinqamula esimobeni ziya ngasehlathini elinezihlahla elibuqamama nasegcekeni. Ngithe uma ngibuya ngabona sezidlala ngento ebibukeka sengathi ibhola. Ngithe uma ngiyibukisisa le nto ngabona sengathi ugebhezi lomuntu. Nalapho bengingakholwa ngoba ngize ngabiza abanye ukuthi bazongibonisa, sathola ukuthi yilona ngempela,” kusho uDunn.
Uthe uthuke woma washintsha nasebusweni ngesikhathi sebeqinisekisile nabanye ukuthi wugebhezi obelubangwa yizinja zikamakhelwane wakhe.
UDunn uthe lesi sigameko sesishiye namalungu omphakathi ethukile njengoba ethe ambikele ukuthi kuke kwatholakala isidumbu sowesilisa sinamanxeba okudutshulwa kulo ihlathi izinja eziphume kulo nogebhezi.
“Anginaso isiqinisekiso sokuthi sitholakale nini isidumbu salona wesilisa. Abantu balapha bebesho ukuthi sebeyasaba endaweni abahlala kuyona manje njengoba kwenzeka izinto ezinje,” kusho uDunn.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa efika ababikele ukuthi azothumela uphiko lwamaphoyisa oluhamba nezinja oluzongena ehlathini nasesimobeni lubheke amathambo esidumbu esihambisana nogebhezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi namuhla kuzofunwa isidumbu emuva kokutholakala kogebhezi lomuntu luhudulwa yizinja ngoMsombuluko.
Uthe amaphoyisa athintwe yilungu lomphakathi liwabikela ngokutholakala kogebhezi.
“Izinja zibonwe yilungu lomphakathi zihudula ikhanda. Bekuwugebhezi olungenasikhumba. Ilungu lomphakathi libe selishayela amaphoyisa ucingo libika ngalokhu,” kusho uZwane.
Uthe ithimba labatakuli lizobheka isidumbu esimobeni namuhla. UZwane uthe abazi noma umuntu wesifazane noma wesilisa yini ngoba alisabonakali ikhanda ukuthi elomuntu owubulili buni ngenxa yokonakala. Uthe kungenzeka ukuthi umuntu osekunesikhathi eshonile.