ISIGODLO senyanga okuthiwa ititinywe amalungu omphakathi abezibiza ngamalungu esigungu esilwa nobugebengu emphakathini ngoba eyisola ngokuthakatha ISIGODLO senyanga okuthiwa ititinywe amalungu omphakathi abezibiza ngamalungu esigungu esilwa nobugebengu emphakathini ngoba eyisola ngokuthakatha
ISASHAQEKILE inyanga yaKwaMhlabuyalingana eyathunjwa, yashaywa yanaba, kwashiswa nezigodlo zayo zishiswa abantu ababeyisola ngokuthwalisa umlisa ongumakhelwane.
UMnuz Siyabonga Mdluli (31) waseMbazwana, KwaMhlabuyalingana, uthe namanje usamangele ngesenzo athi senziwe amalungu omphakathi okuthiwa afike kubo amthatha ayomshayela ehlathini eliseduze kwakubo.
Kuthiwa ngoLwesine emasontweni amabili adlule kufike abantu abazibize ngesigungu esilwa nobugebengu emphakathini, iCPF, bamthatha ngoba bemsola ngokunika umakhelwane wakhe umuthi wokubulala ugogo osekunamasonto efihliwe.
UMdluli uthe wayesendlini ngesikhathi engenelwa abantu bethi bayombulala ngoba uyathakatha.
“Bangithatha ngoba bethi nginike omunye umfana umuthi wokubulala ugogo wakhe athwale ngaye. Lo mfana wayefike nomunye bengakhela indlu yami nesigodlo sami wase ecela ukuthi ngimsize ngimnike umuthi wokusiza ugogo wakhe owayenesilonda esase sithathe isikhathi eside singapholi. Ngiqale ukwelapha ugogo wakhe kusuka ngoFebhruwari kodwa wagcina ngokushona ngisamelapha,” kusho uMdluli.
Uthe emuva kokuthi kushone ugogo wakhe umakhelwane wakhe ube esevakashela umfowabo kwase kubakhona amalungu omphakathi athe uyena obulale ugogo wakhe ngomuthi awuthathe kuyena ngoba efuna ukuthwala ngaye nokuyilapho amthatha khona ayomshaya. Emuva kokumshaya baphinde bashisa izigodlo zakhe ezimbili.
“Bashise izigodlo zami ebezinayo yonke imithi yami nezinye izinto ebengizidinga. Bangishaye kabuhlungu bahlukumeza nomndeni wami nomama kangangokuthi akaboni nasemehlweni. Ngifisa sengathi bangaboshwa ukuze bajeze ngabakwenzile,” kusho uMdluli.
Induna yendawo, uMnuz Mlondo Nxumalo, ithe bakhathazekile ngokwenziwe ngebabize ngeqeqebana elithile lomphakathi.
Uthe baze baqoka ukuba nomhlangano namalungu omphakathi lapho kudingidwe khona lolu daba.
“Kubi ngoba kulezi zigameko kugcina kulinyazwe abantu noma babulewe ngoba kuthiwa bayathakatha. Abantu benza izinsolo ezingenabufakazi. Kungakuhle ukuthi amalungu omphakathi ayiyeke le nto,” kusho uNxumalo.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokushisa.
“Kuthiwa lo mlisa wayesendlini ngesikhathi engenelwa amadoda asendaweni. Amthatha amyisa ehlathini eliseduzane amshaya ashisa izigodlo zakhe ezimbili,” kusho uZwane.