ZIZWAKELE izikhalo zabazali bezingane zaseNqundu Combined, abamise ukufunda ngoba befuna isikole sibe namakilasi kaGrade 11 no-12.
INqundu Combined yisikole esiseNkandla, esiqala kuGrade R sigcine kuGrade 10.
Abazali bavale amasango ngeledlule akwangaqalwa ukufunda ngoba bekhala ngokuthi uma izingane zabo seziqede uGrade 10 eNqundu, ziyaphoqeleka ukuthi zishiye isikole noma ziyoqasha ezindaweni ezikude nasemakhaya ukuze ziqhubeke nokufunda.
NgoLwesihlanu uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu, uhambele eNqundu ngenhloso yokuyolalela izikhalo zabazali.
UMshengu ubenomhlangano lapho ethe kuzoba namakilasi angomahamba nendlwana akaGrade 11 eNqundu Combined, ukuze abafundi abahleli emakhaya bakwazi ukuqhuba izifundo zabo.
UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe uMshengu usukumele phezulu wayozwa izikhalo zabazali futhi wakhe ikomiti elizobhekelela iNqundu nezindawo eziyakhele ngenhloso yokusombulula izingqinamba zezikole.
“UNgqongqoshe uthole ukuthi abafundi bancane nokuyinto ebiholela ekutheni angabibikho amakilasi akwaGrade 11 no-12. Amakilasi kaGrade 11 azotholakala maduze eNqundu bese ikomiti elisunguliwe lisebenzisane noMnyango wezeMfundo ukuze izikole zakuleya ndawo zisebenze kahle,” kuchaza uMlotshwa.
Wenze isibonelo sokuthi izikole zakuleya ndawo azinabo abafundi abenele esho ukuthi iSenzokuhle nesinye esibizwa Ekuphahleni zinabafundi abawu-73 nabawu-172.