BAZOTHWALA kanzima oskhwiliphambana nobhoko abazobe begcaluza emigwaqweni ngesikhathi izwe livaliwe izinsuku ezingu-21.
Kuzovalwa thaqa nezindawo ezizobe zihweba ngotshwala isinyenyela nezizobe zidayisa ngokungemthetho, ikakhulukazi emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya.
Kuzoba nezivimbamgwaqo, kuliwa nobugebengu emiphakathini futhi kunohlelo lokuthungathwa kwezigebengu ezifunwa uthuli amaphoyisa.
Kuzoboshwa abashushumbisa izimpahla zomgunyathi nabathutha izimpahla ezingemqoka kakhulu.
Lo mbiko oshubile ukhishwe wuNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli esithangamni nabezindaba ekomkhulu lamaphoyisa esifundazweni.
UNtuli uthe konke kumi ngomumo kusukela emasosheni, emaphoyiseni, kwezobunhloli, nasemaphoyiseni omgwaqo.
UNtuli uthe umyalezo ucace bha: “Hlala ekhaya.Sizobe sitholakala kuzo zonke izindawo kusukela emalokishini, emadolobheni, emiphakathini yabadla izambane likapondo nasezindaweni zasemakhaya, siqinisekisie ukuthi ilandelwa njengoba injalo imigomo ebekiwe ngokuvalwa kwezwe wumengameli,” kusho uNtuli.
Uthe ugculisekile wugqozi olukhonjiswe abakhuzi bemibutho eyehlukene anethemba lokuthi luzonanela nakwabaphethe abazobe beqinisekisa ukuthi uyagcinwa umthetho.
“Amathimba ethu azobe ehambela izindawo ezigcwala kakhulu abantu okubalwa kuzona amabhishi, amapaki, ezokuthutha zomphakathi nezinxanxathela zezitolo. Ngibikelwe ngebanga eselihanjiwe ngophenyo lwamacala angu-22 okuphulwa komthetho, iDisaster Management Act, nezinhlelo ezibekwe wumengameli. Kuyakhathaza ukuthi kunoskhwiliphambana nobhoko abangayigqiziqakala indaba yobhubhane lweCorona,’ kusho uNtuli.
Uthe uphoxekile ngabantu ababili ababoshwe bathweswa amacala okuzama ukubulala ngokubhebhethekisa iCoronavirus.
“Siyakugxeka ukubukelwa phansi kwezinhlelo zikahulumeni ezilwa nokusabalala kwegciwane. Sibumbe ithimba elizophenya la macala okuzama ukubulala nokuphulwa kweDisaster Management Act.
Ngokuboshwa kwalaba ababili sithumela umyalezo wokuthi ngeke zibekezelwe izenzo zobudedengu. Sinxusa abantu ukuthi balandele imiyalelo yabezempilo. Sizozigada izindawo ezigcine abantu abahaqwe igciwane, siqinisekisa ukuthi abeqi. Sifuna kubuyekezwe izinqumo ezithathwe ngabahaqwe igciwane abazivalele ngokwabo emakhaya,” kusho uNtuli.
Mayelana nezokuthuthwa komphakathi, uNtuli uthe baxoxisana nobuholi bemboni yamatekisi ngenhloso yokwakha uhlelo lokuthuthwa kwabasebenzi abenza imisebenzi ebucayi nabazobe befuna usizo lwezempilo nezinsiza ezimqoka.
Uthe lapha kubhungwa nangokuthi itekisi kumele ilayishe abantu abangaki ngezikhathi zokusebenza.