ZIZOVALWA ezinye izikole KwaZulu-Natal nasezweni lonke njengoba izolo kuqale uhlelo lokugoma othisha nabasebenzi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Kwazi Mshengu, othe kwezinye izikole kuzovalwa uma othisha bengekho beyogoma.
UMshengu, obethula uhlelo lokugoma KwaMashu Sport Centre, uthe kwezinye izikole kuzosheshe kuphunywe ukuze othisha bakwazi ukuyogoma.
“Sethemba ukuthi sizohlangabezana nomnqamulajuqu obekiwe, wokuthi sigome bonke othisha nabasebenzi abangu-127 000 esifundazweni. Sethemba ukuthi baningi othisha abazophuma bezogoma. Kwezinye izikole kuzovalwa usuku olulodwa ngoba othisha bazobe beya ezikhungweni zokugoma,” kusho uMshengu othe bafuna ukuthi kuqambe kuvalwa izikole kube sekuphothuliwe ukugoma.
Usho lokhu nje nezinye izikole ePinetown namhlanje zizobe zivaliwe ngenxa yokuthi othisha bayogoma.
UMshengu uthe zingu-70 izikhungo zokugoma esifundazweni. Lezi zikhungo basebenzisana kuzona noMnyango wezeMpilo.
Kulesi sikhungo saKwaMashu bekulindeleke ukuthi kugonywe abangu-500.
UMshengu uthe labo abangeke bagome ngeke besakwazi ukusebenzela emakhaya.
“Akekho umuntu ophoqiwe ukuthi agome kodwa uma sekugonyiwe, silindele wonke umuntu ukuthi abuyele esikoleni. Awukwazi ukuthi ungathi uzoqhubeka usebenzele ekhaya ngoba uthi unamahlalakhona ekubeni likhona ithuba lokuthi ugome. Wonke umuntu kuzolindeleka ukuthi abuyele esikoleni.”
Okhulumela umnyango kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe njengoba zingabhalwa izivivinyo bazovuma ukuthi zivalwe ezinye izikole uma othisha beyogoma.
“Okubalulekile ukuthi sisindise izimpilo zabantu, asigxilile kakhulu ohlelweni lokufunda yingakho sithe akume konke kugonywe. Othisha bazogonywa kanye njengoba kusetshenziswa umgomo wakwaJ&J,” kusho uMhlanga.
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, ogonyiwe izolo, ukhale ngokuthi aziziningi izikhungo zokugoma kwezinye izindawo.
Uthe kwezinye izindawo othisha bazohamba amabanga amade beyogoma.
“Umnyango ulwenze lodwa lolu hlelo lwezikhungo zokugoma, kwezinye izindawo azikho okusho ukuthi othisha bazohamba amabanga amade. Odabeni lomgomo, ngithi othisha abagome, nami ngigomile anginalutho, angizwa ngisho ubuhlungu lapho ngigome khona,” usho kanje.
Omunye uthisha waseMandlethu High, uNksz Nokuthula Dube, uthe ujabule ngoba ugomile, wathi ubethukile.
Uthe uzizwa engenalutho emuva kokugoma.
UMnuz Nkanyiso Ntuli, waseDuduzane Primary, uthe uselindele ukuthi kungabi nokuphazamiseka ekufundeni njengoba sebegoma.
Uthe batsheliwe ukuthi akekho ophoqiwe ukugoma futhi uziyele ngoba engafuni ukuthelela abafundi bakhe kanjalo nozakwabo.
“Ngingasho ukuthi abaye ozakwethu ukuyogoma akukho okubi ngomgomo,” egqugquzela ozakwabo.