ZINGAKHULA zifinyelele ku-8.5 million izibalo zabahaqwe yigciwane, iCorona, KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe ithimba eleluleka umkhandlu wongqongqoshe ababhekele iCorona kuleli, iMinisterial Advisory Committee (MAC). Lithe izibalo zikhomba ukuthi ngo-Okthoba zizonyuka kakhulu.
UNkk Silingene Ngcobo, ongumhlengikazi onesipiliyoni esevile eminyakeni engu-20 noyingxenye yeMAC, uthe lezi zibalo akumele zibethuse abantu ngoba yizinkomba eyenziwe ngosayensi. Wathi kungenzeka izibalo zingafinyeleli lapho uma abantu bengashintsha ukwenza njengoba lesi sifundazwe singakabi yisizinda seCorona okwamanje.
“U-75% wabantu abahaqwa yileli gciwane baze balulame bengazi ukuthi bake banalo ngoba ababinazo izimpawu. U-25% ogulayo, kuwo * -95.64% kuya ku-96.78% uba nezimpawu ezingatheni. U-2.46%-3.64% uyagula udinge ukulaliswa emawodini ajwayelikile. U-1.16%-1.45% uye udinge ukulaliswa egumbini labagula kakhulu, * -0.30%-0.412% abantu abashonayo,” kuchaza uNkk Ngcobo.
Uthe ukukhula kwezibalo ngamandla ngalesi sikhathi kudalwe ukuxegiswa kukathaqa, abantu baphuma emakhaya akusafani nangesikhathi izwe lisesigabemi sesihlanu.
“Ukuhlangana kwabantu okungaba umngcwabo, umcimbi ukuyothenga ezitolo noma ikuphi okunye ukuhlangana yilapho abantu belithola khona igciwane ngoba alihambi kodwa lihanjiswa umuntu,” kusho yena.
Uthe ukungakholwa ukuthi iCorona yinto ekhona nokucabanga ukuthi liphatha abathile ngezinye zezinto eziholele ekutheni lisabalale kakhulu ngoba abantu bebenganakile, beyishaya indiva imithetho yokuqhelelana nokufakwa kwezifonyo.
“Emazweni ase-Asia leli gciwane lisheshe lafinyelela esigabeni sokuthi lingabe lisabhebhetheka kakhulu ngoba abantu bakhona bebeyilalela imiyalelo abatshelwa yona,” kusho yena.
Uthe: "Uma bebaningi abantu abahlonzwa ukuthi banaleli gciwane kusho ukuthi kuzodingeka imibhede eminingi yokulalisa abagulayo, izinsiza zokuphefumula ezengeziwe ngoba sizokwanda isibalo sabazolaliswa ezibhedlela. Isibalo sababulawa yileli gciwane kungenzeka sikhule,” kusho yena.
Uthe ukuthi isifundazwe sinezindawo zasemakhaya akuchazi ukuthi igciwane lizohlasela kulezi zindawo.
“Igciwane lihamba nabantu, ukusabalala kwalo kuncike ekutheni abantu bahamba kangakanani futhi bahambela kuziphi izindawo akukhathalekile ukuthi isemakhaya noma emadolobheni.”
UNkk Ngcobo uthe sisekhona isikhathi, nabantu basengakwazi ukwehlisa indlela leli gciwane elizohlasela ngayo kuleli sifundazwe ngokuthi balandele imithetho ebekiwe yokuzivikela, baqhelelane, bageze izandla ngamanzi anensipho noma isibulali magciwane, bafake izifonyo, baphume emakhaya uma kunesidingo.