ZIZOHLAWULISWA uR1 million noma u-10% wenzuzo eziyenzayo izinkampani ezinyusa intengo yokudla nemikhiqizo ehlukene njengoba izwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 kusukela kusasa.
Izolo uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uMnuz Ebrahim Patel, uthe kuphenywa izinkampani eziwu-11 ezinyuse intengo yezifonyo nezibulala-magciwane.
“Sicela abantu bangathengi ukudla nezinye izimpahla ngokweqile ngoba ngeke kuphele ukudla uma izwe livaliwe. Siphenya izinkampani eziwu-11 ngokunyusa intengo yempahla. Akekho onelungelo lokunyusa intengo yempahla kulesi sikhathi, oyinyusayo uzoboshwa, adonse unyaka ejele noma ahlawuliswe uR1 million noma u-10% wenzuzo ayenzayo,” kusho uPatel.
Ukhuthaze abantu ukuthi bacebe izitolo nezinkampani ezinyusa intengo yempahla ngokushayela u-0800 014 8800.
Uthe abantu bazovunyelwa ukuthi baye ezitolo bayothenga ukudla, imithi emakhemisi nezinye izidingo ezibalulekile.
Izitolo zokudla, amakhemisi namafemu akha impahla edingekayo njengoba kuneCoronavirus, ngeke kuvalwe.
Uthe izipaza zabantu baseNingizimu Afrika zizoqhubeka nokusebenza.
I-Industrial Development Corporation (IDC) izosiza izinkampani ezisengcupheni kodwa ezibalulekile ekulweni neCoronavirus ngoR3 billion.
Osomabhizinisi abadinga usizo baceliwe ukuthi bathinte i-IDC noma bavakashele ikhasi lomnyango wezohwebo nezimboni.
Uphinde waveza ukuthi kunesikhwama sokusiza umphakathi esibizwa ngeSolidarity Fund esinoR150 million, acele ukuth abantu baqhubeke nokufaka imali kuso.
Lesi sikhwama sitholakala ngokuvakashela u-www.solidarityfund.co.za
UPatel uthe bazoqhubeka nokuhwebelana namazwe awomakhelwane nokuthutha impahla ngoba lokho kubalulekile.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi amaNcane, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ubonge omacaphunakusale bakuleli oMnuz Nicky Oppenheimer noJohann Rupert ngokunikela ngoR2 billion ozosiza osomabhizinisi abancane.
“Sizosiza izinkampani ezibhaliswe ngokusemthethweni esibonayo ukuthi zizokhahlanyezwa yiCoronavirus. Sicelile nokuthi osomabhizinisi abancane banikwe izinyanga eziyisithupha zokuthi bame kancane ukukhokha izikweletu zabo ngoba bathwele kanzima. Sizolandela imigomo efanele ngaphambi kokulekelela osomabhizinisi abancane,” kusho uNksz Ntshavheni.
Imininingwane ngosizo losomabhizinisi abancane itholakala ku-www.smmesa.gov.za noma ngokushayela * -0860 663 7867.
Kunezinkampani esezivalile ngenxa yeCoronavirus okubalwa amafemu akhiqiza izimoto, awezimpahla zokugqoka, amajimu njalo njalo.
Amabhanoyi akwaComair nawo azobe engahambi kusukela kusasa kuze kube wu-Ephreli 19. Kucelwe abahamba ngawo ukuthi bathinte le nkampani ngokuvakashela ukulula.com.
UMnuz Thulas Nxesi onguNgqongqoshe wezemiSebenzi, uthe abaqashi kufanele bagcwalise amafomu e-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuze abasebenzi babo bakwazi ukuhola ngesikhathi behleli emakhaya ngenxa yeCoronavirus.
Uthe kunezinhlelo ezihlukene zokubhekelela abaqashi nabasebenzi okubalwa ukusetshenziswa kwe-UIF nezinye izinhlelo.
Ngisho abasebenzi abazogula bazosizwa kulolu hlelo ngoba uNxesi uthe abathandi kube nabasebenzi abadilizwayo.
Abasebenzi abasemikhakheni ethathwa njengokuthi ixhaphaza abantu okungowonogada, isemapulazini nasezindlini nabo bazobhekelelwa.
UNxesi uthe imali ezoholelwa abasebenzi ngesikhathi seCoronavirus ngeke ibe ngaphansi kwe-minimum wage.
Kuzokhumbuleka ukuthi abasebenzi bebekhala ngokuthi kuthatha isikhathi ukuthola imali ye-UIF, uMnuz Makhosonke Buthelezi obhekelele ezokuxhumana kwi-UIF, uthe abantu bazoyithola imali yabo ngoba banamathimba aseqalile ukulekelala izinkampani ezinabasebenzi abangaphezu kuka-50. Uthe akhona nama-technicians azolungisa ezobuchwepheshe uma benezingqinamba.
Ugqugquzele umphakathi ukuthi usebenzise uhlelo lwe-uFiling, amafax nama-email atholakala kwi-website yabo ethi ufiling.co.za noma ku-www.labour.gov.za.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuVakasha, uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, uthe banoR200 million wokusiza osomabhizinisi abasemkhakheni wezokuvakasha.
Uthe bayazi incane le mali ukusiza lo mkhakha omile ngenxa yeCoronavirus kodwa bazosiza izinkampani zezokuvakasha ezenza inzuzo engadluli uR2.5 million ngonyaka, ezibhaliswe ngokusemthethweni, ezinesitifiketi sentela esisebenzayo futhi osekuphele unyaka zisebenza.
Kuzosizwa kakhulu izinkampani ezilandela imithetho yeBBBEE, ezabantu abasha nabesifazane.