ZIZOFAKA isicelo sebheyili izithandani zaseNkululekweni, e-Eastern Cape, eziboshelwe ukuphoqa umfana oneminyaka ewu-12 ukuthi adle indle yakhe ngempelasonto.
U-Asanda Mkoko no-Ayabulela Yolanda Buso, ababoshwe ngoMsombuluko, bavele eNkantolo yeMantshi eQueenstown izolo ngamacala okuzama ukubulala, ukuhlukumeza ingane nokushaya.
Lezi zithandani zihlela ukufaka isicelo sebheyili uma sezivela enkantolo ngoLwesibili ngesonto elizayo.
Kubikwa ukuthi umfana ubedlala nomngani emgwaqeni elokishini laseNkululekweni, eKomani, ngeSonto ngesikhathi ezizwa exinekile edinga ukuzikhulula.
Ngenxa yokuphuthuma kwesimo ayekuso wagcina ezikhulula esangweni labasolwa.
Uphiko lwezokushushisa luveze ukuthi wathi esazikhulula, izithandani zamshaya ngomshanelo.
Kuthiwa umfana waxolisa kodwa bamphendula bathi bazokwamukela ukuxolisa kwakhe uma esedle indle le ayithulule esangweni labo.
Abasolwa kuthiwa bamphoqa ukuthi ayidle ngaphambi kokumdedela. Lolu daba walubika kumalungu omphakathi, alufaka emaphoyiseni.
Abashushisi bazosiphikisa isicelo sebheyili.