UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uvumile ukuthi i-ANC ibenzele phansi aboMkhonto WeSizwe Military Veterans Association (MKMVA), wathembisa ukufeza zonke izethembiso abazenza.
UMagashule ukusho lokhu eseThekwini izolo ngemva komhlangano nabeMKMVA.
“Besihlangene namalungu oMkhonto weSizwe. Eminyakeni engu-26 selokhu kwaba nenkululeko kabanazo izindlu, kabasebenzi. Thina singenile ePhalamende, sihlala ezindlini ezinhle nezimoto ezinhle. Akuyona iMKMVA yodwa eyalwela inkululeko kodwa nabantu bakuleli ababecindezelekile,” kusho uMagashule.
Uthe uvumelana nabeMKMVA ukuthi kule minyaka engu-26 abenzanga kahle.
“Siyavumelana nabo, ngemva kweminyaka engu-26 kwaba nenkululeko akumele engabe sisathi sizokwenza izinto ezithize. Siyibonile iMKMVA igcwele umgwaqo, siyabuza ukuthi kwenzenjani. Izikhalo zenu siyazazi. Yizikhalo ezifanele lezi nezizwakalayo,” kusho uMagashule.
Uthe: “Izolo (ngoMsombuluko) sihlanganile ngemva kokuba kushayelwe ucingo ihhovisi elikhulu, savuma ukuthi sizohlangana njengoba kwenzekile. Silana ngoba siyazi ukuthi nibalulekile. Siyathembisa lezi zinto zizokwenzeka.”
Uthe namhlanje bazohlangana futhi, wathi abakahambi.
“Sizohlangana noNgqongqoshe neMeya yaseThekwini ukuze sibheke ukuthi abantu basizakala kanjani. Ngoba lezi zinto abakhala ngazo zithinte wonke umuntu,” kusho uMagashule.
Uthe isitha esiqhatha i-ANC kumele bangasivumeli.
“Akumele silalele ukuthi abezindaba bathini ngathi. Sizolungisa izinkinga zethu ngaphakathi. I-MKMVA ibalulekile, abanye abangazi ngani bayibukela phansi. Kumele sikhumbule futhi sazi ukuthi iKZN imqoka kwi-ANC. Ibalulekile ekubeni nobumbano kwi-ANC. Isitha sifuna ukuyihlukanisa phakathi i-ANC. Sithembele kini ukuthi nizohlangana nihloniphane. Ningakwenzi okwenziwa ngabanye. Nihloniphe ubuholi besifundazwe,” kusho uMagashule.
Uthe njalo emasontweni amabili ubuholi obuphezulu buzohlangana nabaseKZN.
Uqhube wathi abanezinkinga kumele bazikhulume ngaphakathi.
UMagashule uthe basazokhuluma nelungu labo uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula. UMbalula ukhwele wadilika kuMagashule wathi uqashe uMnuz Carl Niehaus, akhwele wadilika kuyena wathi uyisigebengu.
Ehlohlwa ngemibuzo ngodaba lukaMbalula, uMagashule uthe izindaba zeqembu ngeke azikhulume nabezindaba.
Uthe umenywe nguNobhala we-ANC eKZN uMnuz Mdumiseni Ntuli, ukuzokhuluma nabeMKMVA ne-ANC esifundazweni.