Izindaba

Ziyawushaya maduze esikhulwini saMaZulu FC

Mbali Khanyile|Published

Ziyawushaya maduze esikhulwini saMaZulu FC Sinenjabulo Zungu isithombe: © Gerhard Duraan/BackpagePix

ZIYAWUSHAYA esikhulwini samaZulu FC okuthiwa zishadwa wumdlali webhola okuleli qembu.

Kuthiwa indodakazi kaSandile Zungu ongumnikazi weqembu, izoshada ngoMeyi 28 noBongi Ntuli ongumgadli.

SNENJABULO Zungu Isithombe: WHATSAPP

Umthombo weSolezwe ngeSonto, utshele intatheli yaleli phephandaba ukuthi umcimbi we-CEO yamaZulu FC, uSnenjabulo Zungu noBongi, uzoba seMahhenyeni, eBalgowan, maphakathi nesifundazwe.

BONGI Ntuli Isithombe: INSTAGRAM

"Okwamanje akukho mininingwane etheni ngaphandle kokuthi bese benesikhathi bethandana. UBongi akamusha kuMaZulu, ubekhona esaphethwe nguPatric Sokhele uyise kaLunga njengoba kuthe ngo 2020 ku-Okthoba athathwa nguSandile Zungu," kusho umthombo.

Akuyona into entsha ukuthi umdlali athandane aze aganwe yingane yesikhulu sekilabhu, uSizwe Motaung ongasekho, obedlala kwi-Orlando Pirates, ubeshadelwe ingane kaDkt Irvin Khoza, uZodwa nayo engasekho emhlabeni.

Ethintwa uSne akaluphendulanga ucingo kodwa wabuyela entathelini eyazisa ukuthi usamatasa. Imizamo yokuthola uBongi ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.