Izindaba

Ziyawushaya kuZungu woSuthu

Khethukuthula Sangweni|Published

IHLABE phansi ngedolo yathembisa umshado impunyela uMnuz Sandile Zungu, ongumnikazi waMaZulu FC, okuthiwa uhlela ukushadelwa kulo nyaka Isithombe: SITHUNYELWE

KHETHA SANGWENI

KULINDELEKE ukuthi ziwushaye kulo nyaka kusomabhizinisi oyisikhulu seqembu lebhola likanobhutshuzwayo, Amazulu FC, uMnuz Sandile Zungu, okuthiwa usezishaye zaphelela izinkomo ekhweni lakhe.

Isolezwe lithole ukuthi uZungu wethembise isiphalaphala sengoduso (alitholakalanga ibizo layo) yakhe umshado, wasifaka indandatho yesethembiso endaweni thizeni ebifihliwe.

Umthombo osondelene nodaba uthe konke sekumi ngomumo, sekulindwe usuku lokuthi kwenyuke udwendwe. Umthombo uthi uZungu usehlale yedwa kusukela ngo-2016, ngemva kokushonelwa ngunkosikazi wakhe wokuqala, uZodwa.

“Wudaba aselwethulile nasozalweni lwakaZungu, kanti sengathi umakoti ungowaseMpangeni. Khumbula phela ukuthi le ndoda yashonelwa ngunkosikazi, manje ngeke kulunge ihlale yodwa kanjalo,’’ kusho umthombo olwazi kahle udaba.

Ebuzwa ngodaba, uManzini uvele wahleka ezwakala ukuthi lumthinta kwamancane kodwa wakubalekela ukuphawula. Akaphikanga futhi akavumanga.

“Hhayi angazi kodwa uma kukhona into enjalo ngiyoyisho ngokusemthethweni yaziwe,’’ kusho uZungu ezwakala ukuthi uyacasha.

Isolezwe lidlulele komunye umthombo nawo oqinisekisile ukuthi nakanjani zizowushaya.

“Bekuwukwethembisa umshado nje lokhu abekwenza, alukaziwa usuku kodwa yinto ezovela maduze. Yinto ayithatha ngokuthi eyangasese yingakho ingasabalaliswanga kwabezindaba,’’ kusho umthombo osondelene kakhulu noZungu.

IHLABE phansi ngedolo yathembisa umshado impunyela uMnuz Sandile Zungu, ongumnikazi waMaZulu FC, okuthiwa uhlela ukushadelwa kulo nyaka Isithombe: SITHUNYELWE
LUNGASE lwenyuke kulo nyaka udwendwe lukasomabhizinisi uMnuz Sandile Zungu, okuthiwa wethembise ingoduso yakhe umshado ngempelasonto Isithombe: SITHUNYELWE