ZIYANDA izinkinga ezikhungethe uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize.
Lokhu kuza emva kokuba izolo iDemocratic Alliance (DA) imvulele icala kwathi ihhovisi loMvikeli woMphakathi, nalo lamemezela ukuthi lizomvulela elinye icala.
I-DA ivulele uDkt Mkhize nomqondisi jikelele womnyango, uDkt Sandile Buthelezi, icala elihlobene nethenda kaR150 million lomnyango owayinika inkampani iDigital Vibes, okuthiwa abaphathi bayo basondelene nomndeni wakwaMkhize.
Ihhovisi loMvikeli woMphakathi lona limemezele ukuthi lizovulela uMkhize icala lokushaya indiva imiyalelo yaleli hhovisi.
Leli hhovisi lisola uMkhize ngokwedelela imiyalelo yokuba azophendula imibuzo yalo izikhawu ezintathu, lifuna uDkt Mkhize ukuba azophendula ngezinsolo zokuthi lo mnyango washaya indiva umbiko wango-2017 weClinical Associate Task Team.
UDkt Mkhize ulandelwa yifu elimnyama kulezi zinsuku njengoba liqina ikhwelo lokuba ashenxe esikhundleni kuze kuba iSpecial Investigating Unit, iqeda uphenyo lwayo ngethenda eyanikezwa iDigital Vibes.
Umbiko womnyango wathola ukuthi kunemigomo engalandelwanga ngesikhathi kukhishwa le thenda.
Okufaka kakhulu uDkt Mkhize ekukhulumeni ngale thenda yizinsolo zokuthi abanikazi beDigital Vibes, basondelene nomndeni wakhe.
Le nkampani iphethwe nguNkk Tahera Mather okuthiwa ungumngani womndeni kaMkhize noNkk Naadhira Mitha oke waba ngumsizi kaMkhize.
Yize uDkt Mkhize athi akazange ahlomule ngisho indibilishi kule thenda kodwa kukhona izinsolo zokuthi amalungu omndeni wakhe ahlomula.
Izolo, okhulumela iDA kwezeMpilo, uNksz Siviwe Gwarube, uvulele uDkt Mkhize noButhelezi icala esiteshini samaphoyisa eCape Town Central.
“Zilokhu zivele njalo izinsolo ngendima eyadlalwa uDkt Mkhize ekukhishweni kwale thenda. Abanikazi bale nkampani basondelene naye uDkt Mkhize kanti futhi kunezinsolo zokuthi umndeni kaMkhize wahlomula imali kule nkampani.
“Angeke sikwazi ukuthembela kuyena ukuthi kube uye ohola umkhankaso wokulwa neCorona njengoba ebhekene nalezi zinsolo. Umengameli kufanele atshele ungqongqoshe ehle esikhundleni,” kusho uNksz Gwarube.
Ngakolunye uhlangothi, ihhovisi loMvikeli woMphakathi lona kalizange licacise ukuthi lizolivula nini icala ngaphandle kokugcizelela ukuthi leli cala lizovulwa kuleli sonto.
Ihhovisi lithe kuyicala elibomvu ukushaya indiva imiyalelo yalo, lathi otholakala enecala lokudelela umyalelo engazithola ebhadla ejele isikhathi esingeqi kunyaka noma ahlawuliswe uR40 000.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uDkt Mkhize, uNksz Lwazi Manzi, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.