UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthi uma kwenzeka kuhlehliswa ukhetho ngenxa yeCovid-19, kuyodingeka baye ePhalamende naseNkantolo yoMthethosisekelo.
Ukusho lokhu ephendula umbuzo welungu le-IFP ePhalamende, elibuze ukuthi ngabe kusezinhlelweni zikahulumeni ukuhlehlisa ukhetho njengoba izwe libhekene nesiqubu sesithathu nokuthi uma kungenjalo, zithini izinhlelo zikahulumeni.
UDkt Dlamini Zuma uthe iKhomishini eyengamele ukhetho kuleli, i-IEC, ithe ikulungele ukubamba ukhetho ngo-Okthoba 27, 2021.
Uthe izinhlelo zokulungiselela lolu khetho ziyaqhubeka futhi kuzolandelwa yonke imigomo ethinta iCovid-19.
“Kuzolandelwa yonke imigomo ethinta iCovid-19 ukuze kungabikhona umuntu ozoba sengcupheni yokusuleleka ngegciwane. Sizolokhu siqhubekile nokuqapha isimo ngoba asazi igciwane lizodlanga kangakanani. Uma kwenzeka kuba nesidingo sokuthi kuhlehliswe ukhetho njengoba ngokomthethosisekelo libekelwe ukuthi libe ngesikhathi esithile, kuyodingeka senze izinhlelo zokuthi ziye ePhalamende kanjalo naseNkantolo yomthethosisekelo,” kusho impendulo kaDkt Dlamini Zuma.
Kwenzeka lokhu nje, kusasa i-IEC yethula ngokusemthethweni lolu khetho ukuze kugqugquzelwe abantu ukuthi baqhubeke nokubhalisela ukuvota.
Khonamanjalo ijaji eselathatha umhlalaphansi, uJaji Dikgang Moseneke, okunguye obhekele uhlelo lokuhlola ukuthi ukhetho luqhubeke noma lungaqhubeki ngenxa yeCovid-19, uyaqhubeka nomsebenzi wakhe njengoba kulindeleke ukuthi abuyise umbiko kwi-IEC ngenyanga ezayo.
UMoseneke ufuna ukuphawula kwezinhlaka ezehlukene mayelana nokuthi kumele lolu khetho luhlehle noma luqhubeke.
Phakathi kwezinhlaka afuna kuzo ukuphawula kubalwa iminyango kahulumeni okukhona kuwo nowezempilo.
Nomphakathi unikiwe ithuba kuze kube uJuni 18, ukuthi ulethe izethulo mayelana nokuthi kungani ukhetho kumele luqhubeke noma lungaqhubeki.
Amanye amaqembu ezepolitiki athi kumele lolu khetho luhlehle.
Abafuna ukuphawula bangathumela okubhaliwe ku: Tugela House, Floor 1, 1303 Heuwel Road, Centurion, 0157.
Bangashayela ku:012 622 5574 noma bathumele i-email ku: [email protected]