SEKUHLATSHWE ikhwelo ngenkinga yokwanda kwezigameko zabazibulalayo.
Inkampani yabezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa (Rusa) seyinxuse ukuthi izinhlangano ezisiza umphakathi zifake isandla ukusiza abantu abakhombisa izimpawu zokhwantalala nabanezimpawu zokuzibulala.
Le nkampani iveze ukuthi seyihambele izigameko eziningi zabantu abazama ukuzibulala nabagcina bephumelele.
Esitatimendeni, okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe ziya ngokwanda izigameko zabazama ukuzibulala nabazibulalayo.
“Kule nyanga edlule iRusa ihambele izigameko eziyisishiyagalolunye zabantu abazibulele nezingu-18 zabazame ukuzibulala. Kwezinye izigameko abantu basebenzisa uphethroli noma upharafini bezama ukuzishisa. Omunye wazigwaza entanyeni. Abanye bazisika ezihlakaleni kodwa okuvamile ukuthi abantu bazilengise,” kusho uBalram.
Uthe abanye abantu abasuke bezama ukuzibulala noma bephumelela emizameni yabo basuke benenkinga yokhwantalala esinesikhathi yaqala, abanye kusuke kungenancazelo ngokuzibulala kwabo.
Ukhuluma nje basanda kubizwa la owesifazane (24) ezame khona ukuzibulala eVerulam ngoLwesihlanu.
Uthe ithimba lakhe libizwe emuva kokuthi lona wesifazane ezame ukuzibulala ngokuphuza inqwaba yamaphilisi.
UBalram unxuse abantu abafisa ukusiza ukuthi bathinte inombolo ethi 086 1234 333 noma bashiye imininingwane yabo ekhasini labo elikuFacebook.