ZIYAGIBELANA izinkinga eqenjini lebhola lempunyela yaseThekwini, iRoyal AM, njengoba isiphucwe uxhaso lwezigidi zamaRandi wuMasipala waseMsunduzi.
Lo masipala uthathe isinqumo sokuhoxisa uxhaso luka-R27 million, obelutholwa ileli qembu likasomabhizinisi waseThekwini, uNksz Shauwn Mkhize.
Isinqumo sokuhoxisa uxhaso sithathwe emhlanganweni womkhandlu obungoLwesithathu.
Umasipala wangena esivumelwananeni seminyaka emithathu sokusebenzisana neRoyal AM ekuqaleni kwesizini yebhola eyedlule.
Ngokwesivumelwano, iRoyal AM kwakufanele idlalele imidlalo yayo yasekhaya enkundleni yezemidlalo eseMgungundlovu, iHarry Gwala.
Maphakathi nesizini kwaba nezinkinga njengoba iRoyal AM yehluleka ukudlala imidlalo yayo.
IRoyal AM yagcina ixoshwa kwiPSL.
Umasipala uhoxisa uxhaso nje, kunecala elifakwe i-DA eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho ifuna khona ukuba inkantolo ichithe isivumelwano sokuxhasa.
I-DA ithe nakuba ikushayela ihlombe ukuhoxiswa koxhaso, ifuna kubuye yonke imali ebisinikezwe iRoyal AM.
Okhulumela i-DA eMgungundlovu, uNksz Tammy Colley, uthe bazolwela ukuthi bathathelwe izinyathelo bonke ababa ingxenye yokuba umasipala ungene esivumelwaneni sokusebenzisa neRoyal AM.
"Okufanele singakukhohlwa ukuthi iMeya yomkhandlu (Mnuz Mzimkhulu Thebolla) yayihamba phambili ekuphoqeni ukuthi umasipala ungene kulesi sivumelwano. I-ANC yayesekwa amakhansela e-IFP, EFF nePA. Kufanele ibuye yonke imali yomkhandlu bese isetshenziselwa ukuhambisa izidingo kubantu."
UNksz Colley uthe ukuhoxiswa koxhaso akusho ukuthi sebezoliyeka icala abalifake enkantolo.
Inkantolo yasigodla isinqumo sayo emva kokulalela izethulo zazo zonke izinhlangothi ezithintekayo.
USotswebhu omkhulu emkhandlwini, uMnuz Sandile Dlamini, uvumile ukuthi sihoxisiwe isivumelwano kodwa wabe esekhala ngokuxhomondela kweDA.
UDlamini uthe lolu daba ludingidwe esithe, wathi bekungafanele i-DA igijime iyolukhuluma nabezindaba.
"Uma udaba ludingidwe esithe kuyaye kufanele umphakathi waziswe ngendlela eqondile, udaba lungaqhamuki ngabantu abadlala ipolitiki."
UDlamini uthe banqume ukuhoxisa uxhaso ngenxa yokuthi iRoyal AM isixoshiwe kwiPSL.
"Isivumelwano sasinombandela wokuthi iqembu kufanele lidlale esigabeni esikhulu. Njengoba lingasekho nje esigabeni esikhulu asisekho isidingo sokuthi siqhubeke nokulixhasa. Ukube lisekhona esigabeni esikhulu besizoqhubeka nokulixhasa."