ZIYANDA izinkinga zikangqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu kulandela isitatimende sakhe sangoLwesithathu lapho avume khona ukumazi uBrown Mogotsi.
Ngesikhathi evele ePhalamende ngoMashi nonyaka, uMchunu wathi akamazi uMogotsi.
Ephendula izinsolo zakamuva ezenziwe nguKhomishana wesiFundazwe KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uMchunu ukhiphe isitatimende nakuba ehlonipha ikhwelo likamengameli lokuthi kwehle umoya, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu ubone kubalulekile ukuthi acacise lokhu okulandelayo: "UNgqongqoshe akakaze ahlangane noMnuz Matlala, akakaze akhulume naye, nongqongqoshe akakaze amcele noma athole lutho kuye."
Nokho uMchunu uthi wuye owaqala ukubuyekezwa kwethenda ye-SAPS eyanikezwa uMatlala ngesikhathi kuvela izinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi ngayo. Bekuyithenda efanayo eseyanqanyulwa.
"Ngaphezu kwalokho, nakuba ungqongqoshe azi futhi ehlangene noMnuz Brown Mogotsi, uyiqabane nje akayena ungqongqoshe. Ungqongqoshe akakaze amcele noma athole lutho kuye."
Usihlalo wekomiti lezamaphoyisa ePhalamende, uMnuz Ian Cameron, uthe bazohlala phansi bacubungule ukuthi bazomthathela ziphi izinyathelo uMchunu ovume ukwazana noMnuz Brown Mogotsi.
"Lokhu kwenza ukuthi kube nzima yonke into manje. Kufanele siyihlalele phansi le ndaba sibone ukuthi isiphi isinyathelo okufanele sithathwe. Phezu kokuvula icala kungaphinde kube khona nesidingo sokuthi simcebe ekomitini lasePhalamende lezobuqotho," kusho uCameron.
Amaqembu ezombusazwe iMK okuyilona eliphikisayo livulele ungqongqoshe uMchunu nokhomishana wamaphoyisa uShadrack Sibiya amacala, kanti iDA eyingxenye kahulumeni weGNU nayo ivulele uMchunu icala esiteshini samaphoyisa eKapa.
IMK ivulele ungwongqoshe wamaphoyisa nephini likakhomishana wamaphoyisa kuzwelonke amacala
Image: MK Party
Isitatimende seMK Party kulandela ukuvulwe kwecala
Image: MK Party
IDA nayo inikele esiteshini samaphoyisa eKapa iyovulela ungqongqoshe wamaphoyisa icala
Image: DA