KUSIZE ukungenelela kwamaphoyisa kwavulwa izikhungo ezintathu zokubhalisela ukuvota izolo, ebezivalwe thaqa wumphakathi obubhikisha kumasipala uMsunduzi.
Lezi zikhungo azivulwanga ngoMgqibelo emuva kokuba umphakathi ububhikisha, uphakamisa izikhalo zawo. Kuzwelonke zingaphezu kuka-50 ezingavulwanga ngoMgqibelo, ngenxa yemibhikisho nezinye izinkinga.
Okhulumela ikhomishini yezokhetho KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe izikhungo zivuliwe emuva kokungenela kwamaphoyisa. Wathi zonke izikhungo bezivuliwe izolo kanti bekuwusuku lokugcina lokubhalisela ukuvota, ukuzobheka amagama abantu ababhalisile nokuzoshintsha kulabo asebehlala kwezinye izindawo.
“Zonke izikhungo esifundazweni bezivuliwe, awukho umbiko esiwutholile wokuthi kukhona ezivaliwe,” kuchaza uMnuz Ngwira
Isolezwe lihambele izolo isikhungo obekubhaliselwa kuso ukuvota ehholo lomphakathi eliseNhlungwane, eNanda, ukuyobheka isimo. Abantu bafikile bezobhalisa ngokukhululeka kanti emasangweni ehholo bekutshalwe amaphoyisa ukuze aqaphe isimo.
Lesi sikhungo siseduzane nesikole iBuhlebethu Primary, lapho kwashona amalungu amathathu omphakathi okuthiwa ayeme emgqeni ngesikhathi kunomhlangano wokuqoka ozomela i-ANC kwesobukhansela kule ndawo. Nakwezinye izikhungo ezisondelene, bekubonakala imithonseyana yamalungu omphakathi, izobhalisa.
UNkk Ntombifuthi Masinga, isikhulu sekhomishini esifundazweni, uthe bangaphezu kuka-144 000 abantu abafike ngobuningi babo ngoMgqibelo, ezikhungweni ezingu-4940.
Uthe kulaba abangu-33 000 bebeqala ngqa ukuzobhalisela ukuvota, abangu-53 000 bebezofaka imininingwane emisha kanti abangu-55 000 bebezobheka ukuthi imininingwane yabo isekhona.
“Sijabule ngoba abantu abasha abaphakathi kuka-18 kuya ku-21 abafikile bezobhalisa bangu-20 000. Kukhona abangaphansi kuka-16 weminyaka abangu-1000 ababhalisele ukuvota noma bengeke bavote kodwa lokhu kusijabulisile ngoba umuntu uvota esena-18.”
Uthe bahambe phambili ngezibalo zabantu abafikile ezikhungweni njengoba bebengu-144 000, kulandele iGauteng ngabangu-138 000 kube i-Eastern Cape ngabangu-114 000. Kuzwelonke bangu-598 000 abaphume ngobuningi babo beyobhalisela ukuvota ezikhungweni ezingu-23 151 kule mpelasonto.
Uhlelo lokubhalisa nge-online luzovulwa kuze kube yinamhlanje. Luzovalwa uma selufakwe emqulwini kahulumeni usuku lokhetho okulindeleke ukuthi kwenziwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zomdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma namhlanje. Kubhaliselwa nokuvota okuyisipesheli kusuka namhlanje.
Inkantolo yomthethosisekelo kulindeleke ukuthi namhlanje ikhiphe isinqumo ngodaba lokuthi kuphinde kuvulwe kabusha uhlelo lokufakwa kwamagama abantu abazomela amaqembu okhethweni. Lokhu kwenziwe yikhomishini emuva kokuchithwa yile nkantolo ekutheni ukhetho luhlehlele unyaka ozayo.