ZIVELE enkantolo izolo izithandani ezibanjwe nensangu eWinterton ngoMgqibelo. Lezi zithandani ezineminyaka engu-39 no-42 ziboshwe ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto yazo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe emotweni yalezi zithandani kutholakale amasaka okufaka udoti ebhuthini anensangu.
“Insangu etholakele ibinesisindo sika-56kg engabiza uR210 000. Abasolwa babhekene namacala okutholakala nensangu,” kusho uColonel Mbele.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi eWinterton izolo okushaye isikhathi sokuloba ingakatholakali eminye imininingwane yecala.