ZISINDE kukubi izingane ezine ebezivaleleke endlini unina esendaweni yokucima ukoma, kungqongqa umuzi eWaterloo, eThekwini, ngeSonto ebusuku.
UNksz Thokozile Gumede ongunina wezingane eneminyaka emibili, emithathu, ena-10 nena-16, ngesikhathi ebuya kophuza uzithela phezu kwendlu igqamuka amalangabi.
Nakuba omunye womakhelwane bakaNksz Gumede eveze ukuthi ubesejoyintini ngesikhathi kusha idlu, kodwa yena ekhuluma neSolezwe uthe ubephumile esaphuthume egaraji ukuyobheka okuthile.
“Angihambanga nesikhathi eside. Le nto yenzeke ngokuphazima kweso. Ngibuye sekukhona omakhelwane nabezicishamlilo. Kushe konke enginakho nokwezingane zami, sisele kuphela nesikugqokile. Ngibala omazisi, izitifiketi zezingane, impahla yasendlini, izincwadi, umfaniswano wesikole nokudla,” kubalisa uNkk Gumede.
Izingane ezimbili kuphoqe ukuthi zingalubhadi esikoleni ngenxa yokuhlubula nokungqongqa kwezincwadi.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kulo muzi izolo, uNksz Gumede ubehleli egcekeni nomunye womakhelwane bakhe uNksz Happy Mbeje obekubonakala ukuthi basashaqekile ngalesi sehlo.
Konke okusendlini bekushe kwangqongqa nalo lonke uphahla lwendlu.
UNksz Mbeje ongomunye wabafike kuqala, uthe ukuqubuka komlilo abaqondi noma kudalwe ukuqhuma kwesigubhu sikagesi okukanye yisitofi esincane sikagesi atshelwe ukuthi izingane ziye kolala zasishiya sivutha.
“Ngenhlanhla ngesikhathi kuqubuka umlilo, izingane zikwazile ukuphuma zingalimele. Sibize abezimo eziphuthumayo ukuthi balekelele kodwa umlilo ubunamandla kakhulu,” kusho uNksz Mbeje.
Ikhansela kule ndawo uMnuz Johnson Chetty, lithe liyile ukuyohlangana nalo mndeni kodwa akukho okusathenjiswe wumasipala ukuwulekelela.
“Lukhona uxhaso oluncane engibafunela lona ukubasiza ngezidingongqangi. Okwamanje akukho engikwaziyo okuvela kumasipala ukulekelela lo mndeni,” kusho uMnuz Chetty.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Mhlaba Memela, uthe bazothumela osonhlalakahle ukuyohlola isimo.
“Esikubongayo ukuthi akukho muntu oshonile kulesi sehlakalo, izingane zikwazile ukuphuma ziphephile,” kusho uMemela.