ZIBHOKA ziyakhahlela izinduna zaseNkandla, ezikhala ngokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ubabambise udonga ngokubakhokhela imiholo yezinduna ababengakayitholi.
Induna yaseMakhendle, eNkandla, uNkk Sizakele Nhlebela ithe sekuyazwela kakhulu futhi kudlalwa ngabo ngakho sebenqume ukuthi ukhetho bazoluphazamisa ezindaweni zabo.
“Sekuphele iminyaka sithenjiswa into engekho ekubeni kade yasayinelwa le mali ngo-2014. Kuze kube manje asiyitholi futhi kuyacaca ukuthi uHulumeni akazimisele ukusifaka. Asisazi ukuthi yini okumele siyenze ngoba baningi esasinabo asebeze badlula emhlabeni belindile. Sesibona ukuthi kufanele singayi okhwethweni kuze kube sithola imali yethu,” kuchaza uNkk Nhlebela.
Uthe okubuhlungu wukuthi uhulumeni nongqongqoshe banyuselwa njalo imiholo kodwa izinduna aziholelwa nhlobo imali yazo eyagunyazwa ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
Le mali isalokhu iyinkinga njengoba phambilini owayengundunankuku waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu wakhala ngokuthi ibaxakile ngoba umengameli wayisayina kodwa abazange batshelwe ukuthi izovelaphi.
Le mali yezinduna igcine ifaka umthwalo esifundazweni njengoba saphoqeleka ukuba imiholo yezinduna siyihlephule emalini yezeMfundo, eyezokuHlaliswa kwabantu ngenxa yokuthi umnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu wawungenaso isabelo esiqondene nezinduna.
Kulindeleke ukuba kube nokhetho lohulumeni basekhaya ngo-Okthoba nonyaka.
Okhulumela umnyango kaNgqongqoshe uMnuz Sipho Hlomuka, uMnuz Senzo Mzila uthe udaba lwale mali luyalungiswa, wagxeka abasabisa ngokuduba ukhetho.
“Udaba lolo lwemali okumele itholwe yizinduna, lusetshezwa wuhulumeni kazwelonke ebambisene nowesifundazwe. UNgqongqoshe uHlomuka kade enomhlangano noNgqongqoshe weziMali uMnuz Tito Mbomweni, noNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uDkt. Nkosazane Dlamini-Zuma. Bayalusebenza lolu daba. Udaba lokungavoti, sifisa ukusho ukuthi lokho asikugqugquzeli njengoba ukuvota kuyilungelo lawo wonke umuntu ngokomthethosisekelo wakuleli,” kusho uMzila.