KUNXUSWA abantu abazovakashela eThekwini, ukuba balandele yonke imithetho yezokuphepha Isithombe: SIGCINIWE
KUDONSWE ngendlebe abantu abazovakashela eThekwini, ukuba balandele yonke imithetho yezokuphepha ukuze kungabi nezigameko ezihlasimulisayo kula maholide.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, yenze lesi sicelo emuva kokubona izinkumbi zabantu zithutheleka emabhishi aseThekwini nakwezinye izindawo zokungcebeleka.
Okwamanje sekubikwe ukuthi bathathu abantu abaminze emabhishi aseThekwini, isaphenywa imbangela yokuminza kwabo.
Okuvelayo wukuthi batholwe lapho kungavumelekile ukubhukuda khona.
UKaunda uthe amaphoyisa nazo zonke izinhlaka zokuphepha ziphume ngobuningi bazo ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile.
“Sicela abantu baziphathe kahle, balalele amaphoyisa, abasebenzi bakamasipala nama-lifeguards ukuze baphephe,” kusho uKaunda.
Ubakhumbuze nokuthi babhukude ezindaweni ezibekwe amaflegi okubhukuda ngoba zihlale zinabosizo oluphuthumayo.
Uthe lokhu kwenza baphephe nokuthi uma kukhona oba senkingeni emanzini, abosizo bayashesha ukumbona amlekelele.
Ukhumbuze abantu ukuthi akubhukudwa uphuzile futhi utshwala abuvumelekile emabhishi.
Abahamba nezingane bakhunjuzwe ukuthi bazifake amabhande abhalwa imininingwane yabazali eyenza kube lula ukuthi bazithole uma zibadukele.
Ngempelasonto edlule, kuvela ukuthi kulahleke izingane eziwu-109 kodwa zibuye zahlanganiswa nabazali bazo ngoba bezigqoke amabhande anemininingwane yabo.
Izingane ezidukelene nabazali bazo zigadwa ngabaqapha izingane kula mabhishi: Addington Beach, South Beach, Wedge Beach, Battery Beach,Laguna Beach naseToti Beach.
Abangazwani nokushayela kwisiminyaminya sasebhishi bazokwazi ukupaka izimoto zabo eDrive-in babe sebethatha iPark n Ride okuyibhasi kamasipala ezobathutha mahhala ibayise ebhishi futhi ibabuyisele ezimotweni zabo uma sebeqede ukujabula.
Kuxwayiswe abangalaleli ukuthi amaphoyisa aphume ngobuningi bawo ngakho azobe esesha izimoto, elwa nesiminyaminya evimba nabaphatha utshwala ebhishi.
UKaunda ukhumbuze abantu ukuthi akulalwa ebhishi futhi amaphoyisa azoyilandela yonke imibandela yokuvalwa kwezwe.
Izigameko eziphuthumayo ezenzeka emabhishi zingabikwa ngokushayela ku-031 361 0000.