Izindaba

Zinyukile izihlalo ze-EFF ePhalandende likazwelonke

Khethukula Sangweni|Published

IZOBE ifike ngezinkani i-EFF ePhalamende likazwelonke njengoba zandile izihlalo zayo IZOBE ifike ngezinkani i-EFF ePhalamende likazwelonke njengoba zandile izihlalo zayo

KUSAZOSHUBA ePhalamende njengoba senyukile isibalo sezihlalo ezitholwe yi-Economic Freedom Fighters (EFF) emuva kokhetho lukazwelonke obelubanjwe ngoLwesithathu.

I-EFF ePhalamende eledlule ibinezihlalo ezingu-25 ishubisa isimo inganqeni ukumisa nse yonke into ifuna izimpendulo zemibuzo ebiyibuza ingasabi muntu.

Ibimisa ngisho inkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni ibuchitha bugayiwe ize ikhishwe ngesidlozana abezokuphepha.

Izibalo zakamuva zokhetho zithi i-EFF ithole amavoti angu-1 881 389 nokusho ukuthi ilele isithathu ngo-10.79%.

Lezi zibalo zizuzela leli qembu izihlalo ezingu-18 phezu kuka-25 abebevele benawo ePhalamende.

Lokhu kusho ukuthi amalungu e-EFF azoba ngu-43 manje. I-EFF iyiqembu elingahlanganise ngisho iminyaka eyishumi labunjwa kodwa izwi lalo ePhalamende liyaziwa. Lisungulwe ngoJulayi 2013 ngemuva kokuthi uMnuz Julius Malema exoshwe yi-ANC kade engumholi wophiko lwentsha kuyona.

Liqhamuke nabaholi abangaziwa iningi labo kodwa bafika bayibeka induku ebandla. Laziwa nangokufolosa ngentsha njengoba sekujwayeleke ukuthi ePhalamende bekugcwala izingwevu. Kulokhu-ke i-EFF ohlwini lwayo lwePhalamende kukhona ngisho umculi uRingo Madlingozi.

Bayiqembu lesithathu ngobuningi ePhalamende belandela iDA ephikisa ngokusemthweni njengoba i-ANC kuyiyona ebusayo.

Kuvalwe iPhalamende kuvele kunezinkulumo mpikiswano ezishubile kubangwa udaba lomhlaba.

I-EFF nobuningi bayo buzoba mqoka kakhulu nakuyona i-ANC njengoba bekhuluma ngazwi linye odabeni lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

Nakuba i-EFF ingadli ogqokweni olulodwa ne-ANC kodwa yakubeka kwacaca ukuthi imi nayo odabeni lomhlaba okufanele ubuyiselwe kubanikazi bawo. Kuzobe kubomvu ePhalamende futhi abantu bazobe belinde ukubona ukuthi ibuya nani i-EFF.