ZINXUSE ubumbano kubasebenzi izimeya zemikhandlu yaKwaZulu-Natal ezishintshe izandla.
Iningi lemikhandlu yakulesi fundazwe ishintshe izandla njengoba kade kunokhetho lohulumeni basekhaya.
Eminingi yale mikhandlu isuke kwi-ANC yawela kwi-IFP.
Izimeya zale mikhandlu zinxuse abasebenzi bakule mikhandlu ukuba basebenze ngokubambisana nazo.
Ezintathu zale zimeya zifungiswe ngoLwesihlanu.
OPhongolo kukhethwe uNkk Velephi Sikhosana njengemeya, eMfolozi kwathatha uMnuz Xolani Bhengu, kwathi eMlalazi amaketango obumeya agaxwa uNkk Queen Xulu.
Yonke le mikhandlu iyingxenye yemikhandlu i-IFP ekwazile ukuyibuyisa kulandela ukulahlekelwa yiyo okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2011, ngesikhathi kuhlubuka iNFP.
Izimeya zale mikhandlu zithembise ukubuyisa uzinzo, zaphinde zathembisa ukuhambisa izidingo kubo bonke abantu bakule mikhandlu ngaphandle kokubheka ubuqembu.
OPhongolo, uNkk Sikhosana uthembise ukubuyisela lo masipala esimeni athe sasikuwo ngo-2011, nathe kwakunozinzo.
Unxuse abasebenzi bakulo masipala ukuba basebenzisane nobuholi obusha balo mkhandlu.
"Engifisa ukukusho ukuthi kufanele abasebenzi nezinhlaka ezahlukene kumasipala zisebenze ngokubambisana nathi. Kufanele bazi ukuthi babalulekile ekutheni sikwazi ukuhambisa izidingo kubantu ngendlela efanele.
"Kuyokuba kuhle ukuba sibambisane nenyunyana ekhona ngaphakathi ukuze sikwazi ukuya phambili."
EMfolozi, uBhengu uthembise ukuhambisa izidingo kubo bonke abantu bakule ndawo ngaphandle kokubheka ubuqembu.
"Siyakuqonda ukuthi asivotelwanga abalandeli bethu, kodwa sivotelwe umphakathi. Yingakho izidingo sizozihambisa kusukela kuWard 1 kuya kuWard 18, ngaphandle kokubheka ukuthi yiliphi iqembu eliphethe kulelo wadi."
Uphinde wanxusa nohulumeni wesifundazwe nokazwelonke ukuba ungabheki ukuthi yiliphi iqembu eliphethe umasipala uma kwabelwa omasipala izimali.
EMlalazi, uNkk Xulu uthembise ukuletha ushintsho kulo masipala.
"Sekuphele ishumi leminyaka abantu bakulo masipala bengalalelwe muntu. Sizoqala manje ukusebenzela abantu baseMlalazi.
"Zikhona noma zingekho izingqinamba, siyazibophezela ukusebenzela ukushintsha izimpilo zabantu. Sizozigcina izethembiso esizenzile ngesikhathi kuyiwa okhethweni."
Ngesonto eledlule iningi lemikhandlu ekwazile ukukhetha izimeya, iphethwe yi-IFP.
Phakathi kwale mikhandlu kubalwa umasipala waseNkandla, AbaQulusi kanye neBig 5 Hlabisa.
IMeya yakubaQulusi uMnuz Mncedisi Maphisa (31) ongomunye wezimeya ezincane kuleli, uthe uzoqhubeka nomsebenzi abewuqale ngesikhathi esabambile.
Ubambe isikhundla kusuka kwasula owayeyimeya uMnuz Jerry Sibiya ngo-2019.
“Ngibambe kahle kwaze kwaphela isikhathi nokungisize kakhulu ngafunda ngezinto eziningi. Ngesikhathi ngibambile ngibuyise uzinzo ngaqasha abaqondisi abathathu, imenenja yomkhandlu (uMnuz Bonga Ntanzi) yayimisiwe saluwina udaba lwayo yabuya kwaze kuba iyashona nonyaka. Ngiqede isikweletu sikaR68 million sika-Eskom sakhokhela nabantu esibakweletayo uR170 million. Izidingo kubantu ziyaya,” kusho uMaphisa.
Uthe njengoba engene ngokugcwele esikhundleni ufuna ukuqasha imenenja yomkhandlu zingakapheli izinsuku ezingu-100.
“Wonke amawadi angu-23 ngizowahambela mathupha ngizwe ukuthi abantu bafunani bese ngibuyela kubo ngoMashi ukuyobanikeza izimpendulo. Imigwaqo esiqalile ukuyakha sizoqhubeka sakhe neminye, sifakele abantu ugesi bathole ingqalasizinda, impilo ishintshe. Angifuni ukuba usaziwayo kodwa ngifuna ukusebenzela abantu. Ngithanda ukubonga uNkulunkulu ne-IFP ngokunginika lo msebenzi ngimncane kangaka, akuyona into encane.”
Kulindeleke ukuba kuqhubeke ukufungiswa kwezimeya namhlanje ngaphambi komnqamulajuqu wakusasa.
Phakathi kwemikhandlu ekulindeleke ukuba ikhethe izimeya namhlanje, kubalwa eThekwini, Msunduzi, Mhlathuze, Newcastle, uMvoti neminye.
Imihlangano yokugcotshwa kwezimeya kwiningi lale mikhandlu ibanjezelwe wukushaya ngolonwabu kwezingxoxo zokubambisana, njengoba lingekho iqembu elinqobe ngamalengiso kuyona.