UMHOLI we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema usegqugquzele ukuthi buvalwe utshwala ngaphambi kwempelasonto yePhasika.
UMalema usho lokhu ngaphambi kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ezoba namhlanje kusihlwa ngo-7.30, lapho kulindeleke ukuthi amemezele khona izinqumo zesigungu esengamele ukulwa neCovid-19. Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili uMalema uthe izinkinga zabantu zingehla ngohhafu uma kungavalwa utshwala.
“Ngabe siqedile ngohhafu wezinkinga zethu uma kungavalwa utshwala. Abungathuthwa futhi bungadayiswa ngaphandle uma abantu bezophuzela emakubo,” usho kanje.
UMalema uthe inkinga enkulu ebhekene neNingizimu Afrika njengoba kuliwa nobhubhane wutshwala.
“Niyabuthanda utshwala kodwa anitholi lutho kubo. Abantu bahambela izindawo (zobumnandi) beyobeka amaSavannah emakhanda,” usho kanje.
Uthe abuvalwe utshwala ngoLwesine kuleli sonto, buvulwe ngoLwesibili ngesonto elizayo.
Kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19, i-EFF imile ekutheni kumele kulawulwe ukudayiswa kotshwala ukuze kunciphe isibalo sabantu abangeniswa ezibhedlela belimele ngokunjalo nesokubhebhetheka kwaleli gciwane.