USEBENZISA izigemegeme adlule kuzo ukusiza umphakakathi ukuthi ubuyisane umrepha, uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye ongumethuli wohlelo lakuMoja Love, uThando Noxolo.
UJub Jub udedelwe ngoshwele ngonyaka odlule ngemuva kokudonsa iminyaka emine ngecala lokubulala engahlosile.
Benomngani wakhe, uThemba Tshabalala, batholwa benamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, ukusebenzisa izidakamizwa, ukushayela bephuzile nokugijima ngesivinini eseqile emigwaqweni yomphakathi.
Kulezi zingozi ababandakanyeka kuzo kwashona abafundi abane baseSoweto ngoMashi, 2010. Ababili kulabo abashayiseka bagcina bekhubazeke ngokomqondo unomphela.
Umdidiyeli woThando Noxolo, uMpho Lengane, uveze ukuthi uJub Jub akasathandi ukukhuluma ngokwamehlela ngoba ubona kumbuyisela emuva nempilo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uJub Jub uthe lolu hlelo osekuzoqala U-season 2 walo ngeSonto ngo-9 ebusuku lumfundise ukubaluleka kokuzithoba nenhlonipho.
Ngesikhathi abadidiyeli balolu hlelo bemthinta ngo-Ephreli nonyaka uthe wavumela phezulu ngoba lolu hlelo luhambisana nesifiso sakhe sokukhuthaza uthando noxolo kubantu.
“Ngicabanga ukuthi bakhetha mina ngoba bazi izimo engidlule kuzo. Ngabona kuyithuba lami lokuthi ngenze umehluko emphakathini. Izimo ezinzima engidlule kuzo zingifundisile ukuthi ngikwazi ukumelana nempilo,” kusho uJub Jub.
Uthe kulolu hlelo usefunde ukwamukela ukuthi ngeke akwazi ukuxazulula izinkinga zawo wonke umuntu.
“Kuyenzeka ohlelweni abanye bagcine bengaxolelananga. Ngiyaqonda ukuthi angisiye uNkulunkulu, okwami ukuthi ngizame ukungenelela ngixazulule inkinga. Kunzima ukuyocela uxolo kumuntu ngoba usuke ungazi ukuthi uzokwamukela kanjani. Abantu siya kubo ngokukhulu ukuzithoba futhi asibaphoqi ukuthi baxole. Sibanika ithuba lokucabanga ngethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi bazothambisa izinhliziyo zabo,” kusho uJub Jub.
Uthe abalandeli bakhe abalindele i-albhamu yakhe iTurning of A Tide azoyikhipha ekuqaleni kwenyanga ezayo.
UMpho uthe ngendlela uhlelo oluthandwa ngayo abazisoli ngokuqoka uJub Jub, yize babebambe umoya, bengazi ukuthi abantu bazomamukela kanjani.