Izindaba

Zimkhalele umlisa (51) ngengozi yemoto kaZuma

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBOSHWE oyedwa ngemva kwengozi ebandakanya owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma Isithombe: SIGCINIWE

KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-51 ngecala lokushayela ebudlonyile nokushayela budedengu.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, imoto yomlisa ishayisane nemoto ebihamba owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma kanye nabavikeli bakhe.

Akekho olimele esehlakalweni sengozi kanti abaqaphi bakaZuma baqinisekise ukuthi uyakhishwa emotweni waphuthunyiswa lapho ehlala khona.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe, uthe ingozi yenzeke emgwaqweni uR66 ngoLwesine, ngabo-18:40 ebusuku.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseShowe.