ZIMKHALELE usomabhizinisi wakwaNongoma osolwa ngokushaya kanzima umkakhe nokusolwa ukuthi ubenomona wokuthi unikwe isikhundla sokuba nguthishanhloko. Lo somabhizinisi oneminyaka engu-41, uboshwe emuva kokungenelela koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, uthishanhloko wavuliswa icala esesibhedlela.
Usolwa ngokushaya kusale umndondo umkakhe onguthishanhloko esikoleni samabanga aphezulu kwaNongoma, esigamekweni esenzeke ngeSonto.
Udaba selusesingethwe wumnyango njengoba lo thishanhloko elulekwa ngokomqondo esibhedlela. Kusolwa ukuthi usomabhizinisi ubegajwe wumona wabe esedinda umkakhe ngenduku ebizwa ngodonkana, eyisagila phambili.
Okhulumela uMnyango uMnuz Mhlaba Memela, uthe osonhlalakahle bayaxhumana nothishanhloko njengoba esasesibhedlela.
Uveze ukuthi izingane zakhe nazo zizolulekwa futhi kuqinisekiswe nokuthi ziphephile.
“Izingane zizobhekelelwa ngosonhlalakahle ukuqinisekisa ukuthi zithola ukwesekwa nokunakekeleka. Odabeni olufana nalolu izingane ziye zifunelwe indawo ephephile uma kubonakala ukuthi akukho lapho zingahlala khona emndenini. Kulolu daba kuxoxwe nomndeni kwatholakala ukuthi zingahlala ezihlotsheni,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa ubevele eNkantolo yeMantshi KwaNongoma izolo, ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza kodwa imininingwane yasenkantolo ibingakatholakali.
Umndeni kathishanhloko utshele Isolezwe ukuthi ubephila ngokudla kwenduku njengoba ebevele enemivimbo emisha emzimbeni. Uthe bese kubizwe imihlangano eminingi yomndeni kudingidwa udaba lokuhlukunyezwa kukathishanhloko, umyeni wakhe abuye axolise.
Kuvele ukuthi umsolwa waqala ukukhombisa ukungakuthokozi kusukela umkakhe eqale kulesi sikhundla sobuthishanhloko ngo-Agasti. Ngosuku lwesigameko uthishanhloko wasizwa ukugxuma onqenqemeni lwendlu yabo eyisitezi, waphuka umlenze omunye wanyela. Ulimale wonke umzimba ngenxa yemivimbo yokushaywa ngenduku. Ubeseshade iminyaka elishumi nomyeni wakhe okuthiwa ungusomabhizinisi odumile KwaNongoma.