ZIMKHALELE esemngcwabeni wosolwa ngokuba isigebengu, owesilisa otholwe ehamba ngemoto entshontshiwe e-Springville, eHighflats.
Umsolwa oneminyaka engu-35 uzithele phezu kwamaphoyisa abeqaphe isimo ngeSonto njengoba bekungcwatshwa uMnuz Lucas Mazibuko, ongomunye wabayisikhombisa abadutshulwe ngamaphoyisa eScottsville, eMgungundlovu, ngeledlule.
Isolezwe lithole ukuthi amaphoyisa abetshaliwe ezindaweni ezehlukene kule mpelasonto lapho bekungcwatshwa khona abasolwa ngokwahlukana. Abanye bafihlwe ngoMgqibelo, abanye bafihlwa ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuzobhekwa ukuthi umsolwa akathinteki yini kwamanye amacala obugebengu.
“Umsolwa uboshwe kade amaphoyisa eqaphe isimo emngcwabeni kaMazibuko. UMazibuko obeyingxenye yeqembu lezigebengu owabulawa kade bedubulana namaphoyisa eMgungundlovu. Umsolwa uboshwe ngeSonto ngabo-12.45 etholwa nemoto entshontshiwe. Ngokombiko wamaphoyisa, le moto kwabikwa ukuthi yebiwa ngo-Septhemba 13, 2020, emgwaqweni u-Percy Osborne, eMorningside.
“Umsolwa uboshelwe icala lokutholwa nemoto eyebiwe, kuzobhekwa ukuthi akazange yini athinteke kwamanye amacala enziwa eHighflats nasesifundazweni. Umsolwa bekulindeleke ukuba avele enkantolo yasePhungashe namhlanje (izolo),” kusho uCol Mbele.
Umphumela wecala ubungakatholakali njengoba idokodo lisagcinwe enkantolo.
Khonamanjalo; izolo bekuvele nabasolwa abane ababoshiwe eMgungundlovu, ebekusolwa ukuthi nabo bayingxenye yabayisikhombisa ababulewe.
Idokodo lokuvelwa kwabo enkantolo yaseMgungundlovu lisagcinwe enkantolo.
Laba batholwe kwenye indawo eqashisayo behlome ngezibhamu.