OWAYEYIMEYA kuMasipala waseThekwini, uNkk Zandile Gumede uthi izinto zimapeketwane kwi-ANC.
Leli lungu lesiShayemthetho saKwaZulu-Natal lithi isimo simbi ngale ndlela yokuthi amalungu ale nhlangano awathembani ewodwa, ahlezi eqaphe ngolokhozi ukuthi ozakwabo bangawasocongi.
“Obona ukuthi sisenkingeni ngempela uma kufanele uziphathele amanzi akho okuphuza, ngoba nakhu nje ungabethembi ozakwenu. Obona ukuthi sisenkingeni uma kufanele ube nabaqaphi abazokugada kubabulali abathunyelwe ozakwenu.
“Amakhansela kanye nosihlalo bamagatsha sebeyasaba ukubuyela emakhaya emva kwemihlangano ngoba ababulali sebengenwe umkhuba oyisihluku, wokubulala ozakwethu phambi kwemindeni yabo.”
UNkk Gumede ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo emngcwabeni wekhansela lakuMasipala waseThekwini, uMnuz Bheki Thabethe, oshone ngesonto eledlule.
Kule nkulumo, uNkk Gumede, obhekene namacala enkohlakalo kwithenda yezigidi zamaRandi yokuqoqwa kukadoti eThekwini, ubalise ngokushona kukaThabethe, athe kwenzeke ngesikhathi esibi lapho “izinhlaka zobulungiswa zisetshenziselwa ukulwa izimpi zepolitiki”.
“Usishiye ngesikhathi lapho ozakwethu bekuthola kulula ukuvikela oMnuz FW De Klerk (owayengumengameli wakuleli), owathi umbuso wobandlululo wawungesibona ubugebengu obubhekiswe ebantwini, kepha abakwazi ukulalela baphinde bavikele ozakwabo.
“Usishiye ngesikhathi lapho ozakwethu bekubona kusesitayeleni ukuhlangana nezitha, ulwe nozakwenu, qede ungaqondiswa ubugwegwe. Mhlawumbe yimina ongezwanga, mhlawumbe labantu abebeyizitha zethu abasezona.”
UNkk Gumede, owayengusihlalo we-ANC kwisifunda saseThekwini ngesikhathi uThabethe eqokwa njengekhansela, uchaze ngobunzima ababhekana nabo ngesikhathi bengena emkhandlwini ngo-2016.
Ngalesosikhathi i-ANC yayihlukene phakathi njengoba kwakunokungenami ngohlelo lokuqokwa kwamakhansela.
“Leso kwakuyisikhathi esinzima, lapho i-ANC yayilwa yodwa. Kwakungokokuqala ukuba sibone kunenqwaba yabantu abangenele ukhetho bezimele, bencintisana ne-ANC. Babengaphezu kuka-50.
“Lolu qhekeko lwalubonakala ngisho nasemkhandlwini, nokwenza ukuthi kusebenzeke kanzima emkhandlwini.”