AMAPHOYISA akulande ngo-dli ukudla okutatshwe elolini kubhikisha umphakathi eDiepkloof.
Image: Itumeleng English
UPHETHE ngezidumbu ezimbili umbhikisho wabahlali basehostela laseDiepkloof, eSoweto.
Abahlali basehostela banikele emgwaqweni ngokusa kwangoMsombuluko, bekhala ngezinto eziningi okubalwa kuzo ukukhishwa ezindlini beyobekwa kwenye indawo ngesethembiso sokwakhelwa izindlu zomxhaso.
"Sixakwa ukuthi besihlala eBlock H sakhishwa kwathiwa sizokwakhelwa izindlu zomxhaso futhi kuzoshaya uJuni sesingena kuzo lezo zindlu. Sithole ukudideka sesizwa ukuthi leyo ndawo isidayisiwe inabanikazi abasha kodwa akekho ositshelayo ukuthi kuphelelephi ngendaba yezindlu zomxhaso," kusho omunye wabahlali etshela abezindaba.
Isidumbu soshayiswe yiloli eDiepkloof.
Image: Itumeleng English
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Mavela Masondo, uthe babili abantu abashonile, kwalimala kabi oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela.
Umuntu wokuqala kuthiwa ushayiswe yimoto, waphuthunyiswa esibhedlela lapho aphelele khona.
"Kokunye, iloli belizama ukugwema isiminyaminya langena ngaphakathi elokishini laseDiepkloof, yilapho umphakathi ulijikijele ngamatshe. Kuthiwa umshayeli ubezama ukubalekela lo mphakathi ngesikhathi eshayisa umuntu, waphelela khona lapho," kusho yena.
Kubikwa ukuthi umphakathi uqhubekile nokutapa elolini ukudla okwahlukahlukene.
UCol Masondo nethimba lakhe belekelelwa ngamaphoyisa kamasipala nabaqaphi bobugebengu abakushalazelanga okwenziwe wumphakathi, baqoma ukungena indlu nendlu ehhostela, kucingwa ukudla okutashwe elolini.
Ukudla okutatshwe elolini kubhikisha umphakathi eDiepkloof.
Image: Itumeleng English