ZILALE emnyango izitshudeni zasekolishi ezixoshwe omastende ngenxa yokwahluleka kwesikhungo esilekelela abafundi ngemali, iNational Students Financial Aid Scheme (Nsfas, ukuzikhokhela imali yokuhlala.
Izitshudeni ezibalelwa ku-50, ezifunda eMgungundlovu TVET College, kuphoqeleke ukuthi zilale emasangweni aleli kolishi ngoMsombuluko ebusuku njengoba zizithole zingenayo indawo yokulala kulandela ukuxoshwa kwazo omastende.
NgoLwesithathu, izitshudeni zithe azazi ukuthi zizolala kuphi njengoba zithe ikolishi linqabile ukuthi zilale ngaphakathi.
Izitshudeni zithe ziyesaba njengoba kugcwele abantu abahlala emgwaqweni eduze kwalapho ziqhinqe khona.
Zithe zesaba nokuthi zingase zitheleleke ngegciwane iCorona njengoba zimbathisana zibuye zishintshane ngezingubo zokulala.
Iningi lezitshudeni liqhamuka ezindaweni ezikude njengoba kukhona neziqhamuka esifundazwe i-Eastern Cape.
Izolo izitshudeni zivale amasango esikhungo, zibhikisha.
Esinye salezitshudeni, uMnuz Lunga Dlamini, usole ikolishi ngokuzihambisa sekudlule isikhathi izicelo zabo zoxhaso, nathe kwenze ukuthi iNsfas ingakhokhi ngesikhathi.
"Kusukela ngoJanuwari, abakaze bakhokhelwe omastende. Nabo omastende banezidingo zabo ekufanele bazikhokhele, ngakho angibasoli ngokusixosha."
UDlamini uthe bebelala ngokushintshana ngoba bebesaba ukuthi bangase baphenduke izisulu zobugebengu.
"Kugcwele amaphara la, sisengozini. Ingakho besilokhu sishintshana ngokulala, abanye bagade."
Esinye isitshudeni, uNksz Sithembile Kunene, sithe balale kabuhlungu njengoba izipontshi nezingubo zokulala kungenele.
"Asinayo ngisho imali yokudla. Akuyona into enhle le."
Esinye isitshudeni, uNksz Londeka Jola, uthe uyoyixoxela amagwababa echobana into ebehlele.
"Into esehlele angiyifiseli omunye umuntu. Okubuhlungu kakhulu wukuthi kuthi uma siyocela indawo yokufihla ikhanda kubaphathi bekolishi, banqabe."
Imizamo yokuthola ukuphawula komphathi wekolishi, uNksz Ntombifuthi Ntshangase, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, akawuphendulanga nomyalezo awuthunyelwe.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela iNsfas ingakayiphenduli imibuzo ethunyelwe yona kodwa ikuqinisekisile ukuthi abehhovisi lalesikhwama bakuqinisekisile ukuthi balutholile uhlu lwemibuzo ethunyelwe Isolezwe.