SIYAKHULA isibalo sabantu abahlaselwa umkhuhlane ne-pneumonia abalaliswa ezibhedlela yize kungesona isikhathi sawo.
Isikhungo esicubungula izifo ezithathelanayo iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), siqaphele ukuthi ngo-Agasti 23 kube nokwenyuka kwabantu abalaliswa ezibhedlela benezimpawu zomkhunhlane ne-pneumonia, ngoNovemba lesi sibalo sinyuke kakhulu.
Lesi sikhungo sithi uphiko oluhlola uketshezi iNational Health Laboratory Service (NHLS), lubabikele ukuthi sekuke kwabonakala abantu betheleleka ngalo mkhuhlane ngobuningi ezikoleni nasezindaweni zokusebenza.
Lesi sikhungo sithi esontweni eliphele ngoNovemba 7 isibalo sabantu abanalezi zimpawu senyukele ku-226 sisuka kwabawu 68 bango-Agasti.
UDkt Sibongile Walaza, owungoti wezifo ophikweni olubhekele izifo zokuphefumula ne-meningitis, iCentre for Respiratory Diseases and Meningitis (CRDM) kwiNICD, uthe lesi sikhungo uma sicubungula ngalo mkhuhlane ezifundazweni ezinhlanu , okuyiGauteng, iKZN , Mpumalanga, North West, neWestern Cape, sathola ukuthi kuzo zonke lezi zifundazwe umkhuhlane ukhona.
Uthe bathole ukuthi abantu abangu-87 ebebene-influenza B Victoria ,abane-influenza A (H1N1) bangu-53 , abane-influenza A (H3N2) bangu-24.
Uthe nakuba lezi zibalo zingaphezulu kwezesizini yomkhuhlane edlule kodwa zisezincane uma kuqhathaniswa neminye iminyaka engaphambili.
" Kungenzeka ukuthi lokhu kwenziwa ukuthi abantu abaningi abasayi ezikhungweni zeempilo uma begula ngenxa yeCovid-19. Nakuba abantu abaningi abane-influenza bejwayele ukuba nezimpawu ezingenzima kakhulu kodwa i-influenza kuyenzeka umuntu imgulise kakhulu okungenzeka adinge ukuya esibhedlela noma ashone , ikakhulukazi abantu abasengcupheni yokuthi uma behlaselwa umkhuhlane kubona ube nolaka kakhulu," kusho uDkt Walaza
Uthe abantu abasengcupheni yalokho abakhulelwe, abanesandulela ngculazi, isifo sikashukela, esamaphaphu, esofuba, abakhuluphele ngokweqile nabaneminyaka engaphezu kuka-65.
USolwazi Cheryl Cohen uthe ukuhlasela komkhuhlane ngalesi sikhathi kungenzeka ukuthi kudalwa ukuxegiswa kwezinto ebezenziwa ukuze kuvikwe ukusabalala kweCovid-19 nokuthi abantu abaningi abazange bawugomele umkhuhlane ngo-2020 no-2021 .
Uthe umgomo womkhuhlale kumele kugonywe ngawo phakathi kukaMashi no-Ephreli njalo ngonyaka.