Zikhale ku-ActionSA kukhishwa uNobuhle Mthembu kwesikasomlomo waseGoli
Image: Sipho Jack/ Independent Newspapers
USomlomo woMkhandlu waseGoli uNobuhle Mthembu, ongaphansi kwe-ActionSA, ukhishwe ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe esiphasiswe ngoLwesine ntambama, ngamavoti angu-212 kwangu-48 abephikisa.
Lesi siphakamiso silethwe yi-Al Jama-ah futhi yesekwa yi-African National Congress (ANC), i-Economic Freedom Fighters (EFF), neDemocratic Alliance (DA).
Ngaphambi kwevoti uMnuz Athol Trollip we-ActionSA utshele abezindaba ukuthi yize bebambisene kahle ne-ANC eTshwane kodwa ngeke bavote nayo eGoli ngoba bamfuna ehambile uMnuz Dada Morero oyimeya.
Kubhimbe uhlelo lwabo kwazise iMeya usindile evotini kodwa bona bakhala ngaphansi.
Kukhona ozobamba okwesikhashana esikhundleni sikaSomlomo kuze kuvotelwe omunye ozongena. Omunye osindile, uMnuz Sthembiso Zungu we-ANC, onguSotswebhu we-ANC, usinde esiphakamisweni esifanayo, amakhansela angu-179 avotele ukuthi ahlale esikhundleni, angu-69 athi gede kwathi ayisithupha asala.