ZINYELWE yinyoni esandleni izitshudeni ezingu-111, ezihlomule ngemifundaze ekhokhela zonke izindleko emikhakheni ehlukene yezempilo, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Izitshudeni ezivela emakhaya angamile kahle zihlomule ngaphansi komfundaze, i-Ikusasa Student Financial Program (ISFAP), emcimbini obungoMgqibelo esikhungweni esiseMbilo, bezihlanganisiwe ukuzochazela ngemininingwane yomfundazwe.
UNksz Sinegugu Khuzwayo, ongumxhumanisi kulolu hlelo uthe lezi zitshudeni zizohlinzekwa ngakho konke okuyizidingo.
“Isitshudeni ngasimunye sizokhokhelwa imali yokufunda, imali yokudla, imali yokuzibheka, imali yezincwadi ngisho nama-laptop zizowanikezwa.
Esikubhekayo ukuthi zonke izitshudeni ezingu-111 zingaxakwa yilutho zibheke izifundo zazo kuphela,” kusho uNksz Khuzwayo.
Lo mfundaze ukhona emanyuvesi angu-11 kuleli kodwa e-UKZN kuhlomula abenza izifundo emkhakheni wezempilo.
ULondeka Ntombela (20), waseMbali, eMgungundlovu owenza unyaka wesithathu ezifundweni ze-Occupational Therapy (OP) ngomunye ohlomulile ngomfundaze.
“Ngikhuliswe umama. Ubaba wangilahla sengifunda * -matric, wathi ngizozibonela uma sengenza izifundo zemfundo ephakeme. Umama usikhulise eyedwa, thina sibathathu ekhaya. Umama ubengakwazi ukungikhokhela ukuba ngenze lezi zifundo.
Ngaphasa kahle * -matric ngabe sengifaka isicelo somfundaze. Ngiwuthole kusukela ngenza unyaka wokuqala. Uyishintshile impilo yami,” kusho uLondeka.
Uthe ngaphandle kosizo lwezimali, bathola ukwesekwa nokulashwa ngokomqondo okwenza ukwazi ukubhekana nazo zonke izinselelo zezifundo.
Uthe kusemqoka ukuba uphase kahle minyaka yonke ngoba uma kungenjalo uyaphucwa uxhaso.
Uthe yena uke wabhekana nezinselelo engenwa ubungoma, ukuphasa kwakhe kwaphazamiseka kodwa wabuye wakwazi ukwenza kahle ngenxa yalo lolu xhaso lomfundaze.
UTshepo Chokwe (25), waseLimpopo wenza unyaka wesithathu ezifundweni zokuba udokotela.
Uthe ekhaya ubengalutholi uxhaso lwezimali, okwenza kwaba lula ukufeza iphupho lakhe ngokuthola lo mfundaze.
Isolezwe lithole ukuthi kungenzeka ekuhambeni kwesikhathi lo mfundaze utholakale nakwezinye izifundo, kungabi umkhakha wezempilo kuphela.
Izitshudeni ezifisa ukuhlomula ngalo mfundaze zingathintana noNkk Khuzwayo, ongumxhumanisi wawo
e-UKZN.