ZIGXOBE itoyitoyi emasangweni esikhungo senyuvesi esiseThekwini, izitshudeni zaseDurban University of Technology izolo, zifuna inyuvesi iqede ngohlelo lwama- higher certificate ezithi luzichithela isikhathi.
Idlanzana lezitshudeni ebelibhikisha ngaphandle kwenyuvesi lithi lifuna inyuvesi iqede ngalolu hlelo noma ivumele abenza ama- higher certificate bakwazi ukuqhubeka benze iziqu ezilandelayo -okuyi-diploma noma i-degree uma beqeda, okuyinto okuthiwa inyuvesi ayiyivumeli.
USinenhlanhla Khusi, oyilungu le-South African Students Congress obekwabebehola umbhikisho, uthe ukwenza izitifiketi kwandisa izitshudeni ezigcina zibhuquza emakhaya ngoba zingaqasheki.
“Sifuna inyuvesi ibheke ukuthi isitshudeni siphase kangakanani ngesikhathi senza lesi sitifiketi, kuthi uma siphase ngendlela egculisayo sivunyelwe ukuthi siqhubeke senze iziqu ze-diploma noma i-degree,” kusho uSinenhlanhla.
Uthe akuzona zonke izitshudeni ezawela ngaphansi kwalolu hlelo ngoba zingenawo amaphuzu anele okuthi zenze i-diploma noma i-degree, kodwa ezinye zafakwa ngaphansi kwalolu hlelo ngoba zafika sekugcwele emikhakheni ezazifake kuyo izicelo zokufunda.
Uthe lolu hlelo lungaphansi komkhakha wakwa-management kuphela, bathi uma inyuvesi ingafuni ukuvumela izitshudeni ukuthi zenze iziqu ezilandelayo kumele luqedwe uhlelo.
“Ayikho into engenziwa umuntu ofunde unyaka owodwa wathola isitifiketi. Sikhuluma nje kunezitshudeni ezifunde zagogoda ezineziqu ezinkulu kodwa ezibhuquza emakhaya, kusho ukuthi thina esifunde unyaka owodwa kufana nokuthi ayikho into esiyenzayo. Aluqedwe lolu hlelo.” kusho esinye isitshudeni esingathandanga negama laso.
Okhulumela inyuvesi uMnuz Allan Khan uthe inyuvesi ayikaze ithembise izitshudeni ukuthi oyothola isitifiketi sakhe uyobe esedlulela ekutheni enze iziqu ze-diploma, kodwa inyuvesi yazichazela izitshudeni ukuthi kuyothathwa ezimbalwa uma kukhona izikhala emkhakheni ethile.
“Ngesikhathi kunombhikisho ofanayo ngoMashi kulo nyaka, inyuvesi yazichazela izigungu ezimele izitshudeni ukuthi alukho uhlelo lokuthi izitshudeni zivele zidluliselwe kwiziqu ze-diploma. Nasemhlanganweni wakamuva obungoNovemba, 15 inyuvesi iphinde yasichazela lesi sigungu,” kusho uKhan.
Izitshudeni zithe iziphathimandla zenyuvesi aziphumanga ukwamukela uhlu lwazo lwezikhalo, kanti uKhan uthe asikho isicelo esiqondile esifinyelele kwiziphathimandla ngokuthi kuzokwethulwa uhlu lwezikhalo, wathi ngokujwayelekile isicelo sifakwa isingungu esimele izitshudeni,.