Abosizo lokuqala behlenga esinye sezigebengu esidubuleke emva kokweqa esitokisini esisenkantolo yaseMbumbulu Abosizo lokuqala behlenga esinye sezigebengu esidubuleke emva kokweqa esitokisini esisenkantolo yaseMbumbulu
KUBASHELE abesilisa abathathu abeqe esitokisini saseNkantolo yeMantshi eMbumbulu izolo, bagcine beboshwe amaphoyisa abanye badutshulwa.
Izolo ekuseni abesilisa abathathu okusolwa ukuthi bebezogwetshwa ngamacala ahlukene, okubalwa nomunye obezogwetshwa ngamacala angu 17 okudlwengula, beqile.
Abasolwa ababili kuthiwa baboshwe ngakhona enkantolo eMbumbulu besanda kweqa uthango, besadavuza bezama ukubaleka.
Lezi ziboshwa kuthiwa zithathe isibhamu sephoyisa ngesikhathi zikhishwa ezitokisini sezizofakwa enkantolo.
Esinye isiboshwa kuthiwa siboshwe nesihlobo saso ebesizama ukusibalekisa ngemoto okuthiwa besiyitsheleke entombini.
Abosizo lokuqala behlenga esinye sezigebengu esidubuleke emva kokweqa esitokisini esisenkantolo yaseMbumbulu
Ngokuthola kweSolezwe esinye isiboshwa seqe enkantolo maqede sashaya sachitha ngemoto ebilindile.
Emotweni kuthiwa bekukhona owesilisa ongumfowabo waso isiboshwa.
Imoto kuthiwa ivinjwe amaphoyisa ngasenxanxatheleni yezitolo ePhilani eMlaza.
Kuthiwa badubulene namaphoyisa, balimala base beboshwa.
Kumanje bagadwe amaphoyisa esibhedlela, lapho belashwa khona.
Isolezwe ngesikhathi lifika endaweni yesigameko emarobhothini angaphandle kwenxanxathela iPhilani Valley, bekuvalwe umgwaqo.
Umgwaqo uvalwe amahora acela kwamahlanu kungahambeki.
Imoto obekubaleka ngayo iziboshwa iLand Rover ibimi emgwaqweni.
Omunye wabasolwa ubesizwa abezimo eziphuthumisayo maqede bamfaka kwi-ambulensi.
Isolezwe lithole ukuthi leyo moto ebihamba umfowabo wobezogwetshwa, eyiboleke entombini yakhe.
Intombi yakhe kuthiwa ifikile endaweni yesigameko kulandela ukubikelwa yafika yakhihla isililo yabe isisuswa endaweni.
“Omunye walaba ababalekile ubebhekene namacala okudlwengula ephindelela, abanye bebebhekene namacala okubulala nawokugqekeza. Isibhamu sephoyisa sitholakale kuyo le moto abebebaleka ngayo. Ngokokuthola kwethu le moto eyentombi, umsolwa ubeyitshelekile ngoba efuna ukubalekisa ngayo umfowabo oyisiboshwa. Badubuleke emlenzeni nasehlombe. Bafike kule ndawo amaphoyisa esebalindele,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe lezi ziboshwa nomsolwa bazovulelwa amacala.
“Namhlanje (izolo) ngabo-9 ekuseni iziboshwa ezintathu zihlule iphoyisa ngamandla zabe sezeqa enkantolo yaseMbumbulu. Iziboshwa ezimbili zisheshe zaboshwa.
Esinye seqile ngemoto ebilindile ngaphandle kwenkantolo. Kusuke amaphoyisa akwezinye iziteshi ahlangana, imoto ibonakale eMlazi, ngaphansi kwesiteshi saseBhekithemba. Kube sekuba nokudubulana. Amaphoyisa awazange alimale kulesi sigameko. Isiboshwa nebesihamba naye kule moto baboshiwe. Kumanje bagadwe amaphoyisa. Kutholwe isibhamu kubasolwa,” kusho uZwane.
Khonamanjalo isiboshwa, uNjabulo Lucky Mbatha (32), obeqe ejele laseWestville eThekwini ngoMsombuluko, uboshiwe eserenki yamatekisi ezama ukubaleka, izolo.
UZwane uthe lesi siboshwa siboshwe eDurban Station, siyogibela itekisi.
UMbatha wasoLundi, ubetokile ngecala lokugqekeza imizi yabantu nelokweba.
Okhulumela amajele KwaZulu-Natal, uMnuz Thulani Mdluli, uthe bebesabheka ukuthi lesi siboshwa seqe kanjani ejele laseWestville.
UZwane uthe usezovulelwa elinye icala ngaphandle kwalawa abewatokele. Sebebonke nalaba abeqe eMbumbulu bazovulelwa icala lokweqa ejele, bese umsolwa obebalekisa isiboshwa yena avulelwe icala lokusiza isigebengu ngokuseqisa.