BEKUNGELULA neze ukufinyelela esigabeni somshado kwizithandani ezilethe injabulo kubantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi zicelana umshado kwaKFC.
Yize belujabulela udumo lwabo kodwa uMnuz Hector Mkansi noNksz Nonhlanhla Soldaat bathi bebunezingqinamba ubudlelwane babo osebudonse iminyaka eyisishiyagalolunye.
Lezi zithandani zahlangana emngcwabeni ngesikhathi uNksz Soldaat eseneminyaka ewu-18, uMkansi eneminyaka ewu-27.
Baveze ukuthi ngo-2014 baba sengozini yemoto ngephasika eyaphetha ngokuthi uNksz Soldaat ahlale esibhedlela ngenxa yokulimala umgogodla.
UNksz Soldaat wahlala esibhedlela izinyanga eziyisithupha kodwa ngenxa ye-physiotherapy wakwazi ukuhamba.
“Ngesikhathi ngilele esibhedlela umyeni wami akazange angishiye. Wayehlala ekhona futhi nabasebenzi basesibhedlela base bemazi,” kusho uNksz Soldaat.
UMkansi uthe: “Sahlangana emngcwabeni futhi siyohlukaniswa wukufa.”
Lezi zithandani ziye zaduma emuva kokuthi ivideo yazo lapho uMkansi ecela uNksz Soldaat ukuba amshade iye yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
UMkansi uthe ngenxa yesimo semali walobola waqeda base beshada ngoDisemba wonyaka odlule.
“Sesashada kodwa umshado wethu wawungekho ezingeni esilifisayo. Ngifuna indumezulu yomshado lapho mina nomkami sizofika ngendiza enophephela emhlane. Okwamanje asikabi nosuku lomshado kodwa sibonga abantu baseNingizimu Afrika ngothando abasikhombisa lona,” kusho uMkansi.
UNksz Soldaat uthe wayengakholwa ukuthi usedumile kodwa usanda kukholwa manje ukuthi yonke lento yenzeka kubo.
Uveze ukuthi wayengazi ukuthi bazofunwa yonke indawo kangangokuthi usedinga ukuhlela isikhathi sokubona umndeni nabangani.
Uthe yonke indawo sebeyaziwa manje baze bavulelwe nezicabha.
“Abasebenzi baseKFC basiphathisa okwamaqanda. Bahlale besibuza ukuthi siyaphila, singakuthokozela okokuphuza, ngabe silambile? Basiphethe kahle,” kusho uMkansi.