SIMPHIWE NGUBANE
LIWASHONELE amadoda amahlanu aboshwe ngamaphoyisa ehamba ngemoto okusolakala ukuthi yebiwe eGoli, esemgwaqweni uLimehill eMnambithi, ngoMgqibelo ebusuku.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-39 kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi Ezakheni izolo. Bazobhekana necala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.
Kuthiwa amaphoyisa ase-Ekuvukeni abezulazula eqaphe ubugebengu ngenkathi ebona imoto ebihamba abasolwa, ayimisa ayisesha nabantu abebephakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa athole isibhamu ebesinezinhlamvu ezintathu kumshayeli wemoto.
“Uhlulekile ukuchazela amaphoyisa uma embuza ukuthi iphi ilayisensi yesibhamu asiphethe. Uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi lesibhamu sebiwe eGauteng ngenyanga edlule,” kusho uCol Mbele.
UMbele uqhube wathi imoto ebihamba abasolwa yantshontshwa ngasekuqaleni kukaJulayi eRabie Ridge, eGoli. Kuthiwa imoto ibe isishaqwa ngamaphoyisa ayoyigcina ephawundini ngenhloso yokuqhubeka nophenyo.
Kuvele ukuthi zibakhalele ngawo lowo mnyama abasolwa, bathathwa ngamaphoyisa ayobagcina ezitokisini esiteshini samaphoyisa eZakhen, njengoba kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla.