ZIBAKHALELE abesilisa ababili abadubule owesifazane ethangeni bantshontsa nemali engu-R80 000 yestokofela eDundee .

Abesilisa abaneminyaka engu- 34 no-37 kulindeleke ukuthi bavele maduze enkantolo yeMantshi eDundee ngecala lokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi kulandela isigameko esenzeke ngoMsombuluko.

Laba besilisa ngokuthola kweSolezwe balandele owesifazane ngo-12 emini, esuka ebhange kade eyokhipha imali yesitokofela baze bafika emzini wakhe.

Kuthiwa lo wesifazane igama lakhe eligodliwe uthe engena emzini wakhe, bamdubula ethangeni base bethatha imali babaleka ngemoto abebehamba ngayo.

Kube sekubikelwa amaphoyisa ngokushesha.

Imoto abebehamba ngayo ijahiwe, babanjwa, nemali yatholakala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe mabili amacala azobhekana nalaba.

“Esisakutholile ukuthi owesifazane osekhulile uhambe yedwa waya ebhange wakhipha imali engadalulwanga wahamba nayo waya emzini wakhe.

“Uthe efika kwakhe, abasolwa ababili bamdubula ethangeni, ngakwesobunxele babe sebethatha imali bahamba nayo ngemoto. Imoto ijahiwe kwaboshwa abasolwa ababili abaneminyaka engu-34 nengu-37.

“Bazobhekana necala lokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi. Bazovela maduze enkantolo yaseDundee. Imali ibuyiselwe kulo wesifazane ngamaphoyisa,” kusho uCapt Gwala.

Amaphoyisa anxuse abantu ukuba baqikelele uma bephethe imali eningi ngalesi sikhathi samaholidi.

Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi le mali ebithathiwe ibizohlukaniswa njengoba kungeyesitokofela.

Imizamo yeSolezwe yokuthola lo wesifazane ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Kunezinsolo zokuthi yena usesesibhedlela uthola ukwelashwa emuva kokudutshulwa. Eminye imizamo yokuthola amalungu esitokofela ayizange iphumelele njengoba izinombolo zabo zingazange zitholakale.