UKHALA ezimathonsi owesilisa wakaShembe, eKuphakameni othi waqhwagwa isikhundla sobuholi bebandla yinkosi uVukile Shembe, Incoyincoyi.
UMnuz Vusomunye Shembe, othe uyindodana endala yomholi ongasekho inkosi uLonda Shembe, uPhasha, uthi waze waphoqeleka ukuthi aphume ngesamagundane kubo eKuphakameni ngoba kukhona ababefuna ukumbulala ngoba sekuvele ukuthi nguyena ozoba wumholi kanti bona babefuna ukufaka Incoyincoyi.
Uthe kwakumele kube nguyena umholi wamaNazaretha aseKuphakameni kodwa ukuthwala kanzima kwamphoqa ukuthi afulathele ikhaya ngoba kwakukhona okwakusina kumjeqeza.
UShembe uvele njengoba kunezinsolo zokuthi umholi osesikhundleni njengamanje Incoyincoyi, ikulesi sikhundla ngokungemthetho.
“Imina inkosana kababa uLonda ezinganeni zakhe ezingu-47. Igama lami lavezwa ngumfundisi uNgubane osewashona. UNgubane wayebambe isikhundla sokuhola ibandla ngemuva kokukhothama kukababa.
“Ngangingazimisele ukushiya umuzi wakithi waseKuphakameni kodwa kwaphoqa ukuthi ngihambe ngenxa yezinsongo zokubulawa.
“Kukhona owesilisa owaze wangiqongqotha ngesibhamu ekhanda engitshela ukuthi ngeke kuphele isonto ngisaphila. Lokho kwaphoqa ukuthi ngishiye ngisho isikole njengoba ngangisenyuvesi, ngibaleke.
“Ngangikholwa wukuthi lokho kuzokwenzeka njengoba nobaba wabulawa yizinkabi ezamngenela endlini elele, zamdubula okungaziwa namanje ukuthi zazithunywe wubani,” kusho uShembe.
Uthe uyazi nokuthi incwadi yefa yayikubameli kodwa yasuswa ngoba kudukiswa umkhondo.
Uveze ukuthi okwashiwo wumfundisi uNgubane kwakungeke kube ngamanga ngoba nguyena owayeqokwe nguyise ukuthi ahole ibandla uma eseshonile.
“Ubaba wakuveza engakakhothami ukuthi uzosheshe ahambe emhlabeni. Wacela umfundisi uNgubane ukuthi asale aqhubeke nokuhola ibandla ngoba thina zingane zakhe sisebancane. Wathi umholi olandelayo uzongena esikhundleni eseneminyaka engu-30. Ngaleso sikhathi yimina obezohlanganisa leyo minyaka. Ngenxa yokuthi abantu baseKuphakameni baphila ngamanga nokukhohlisa abantu, balanda umfowethu uVukile bafaka yena. Ngesikhathi bemfaka esikhundleni wayeneminyaka engu-18. Lokho kushiya imibuzo yokuthi kungani kungahanjiswanga ngokomthetho owabekwa wubaba kulindwe ukuthi umholi aze abe neminyaka engu-30,” kuqhuba yena.
UMnuz Thetha Ngiba, okhulumela abaseKuphakameni, uthe kuyiqiniso ukuthi uMnuz Vusomunye uzalwa yinkosi uLonda Shembe. Uthe sebekhathele wukukhuluma lolu daba manje abasathandi ukwanda ngamaningi ngalo.