UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, unxuse amadoda nabesifazane ukuba baqaphele indlela abenza ngayo izinto uma besezindaweni zokucima ukoma.
UCele ubekhuluma eMax's Lifestyle, eMlaza, ngoMsombuluko emva kwemashi abe nayo nezinhlaka ezehlukene zomphakathi, ebisuka esiteshini samaphoyisa sakhona eMlaza.
Phakathi kwalezi zinhlaka bekukhona inhlangano engenzi nzuzo i-Act Now, iNational Liquor Traders Association, iKZN Liqour Authority, nezinye
Imashi ibimayelana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanjalo nokusetshenziswa ngokweqile kophuzo oludakayo emphakathini.
Ekhuluma emva kwale mashi, uCele uthe akukho okubi ngokuthi abantu besifazane bagqoke babe bahle baye ezipotini.
"Indaba yonakala uma senifika laphaya, senihamba niyojoyina itafula lamadoda eningawazi. Niphuze utshwala bawo kuze kushaye u-4 ekuseni. Kuthi sekunjalo bese befuna ukulala nani ngenkani, benikhokhisa utshwala babo enibuphuzile," kusho uCele.
Uthe ufuna ukuqwashisa abantu besifazane ngokuthi, abathi uma beya ezipotini bazijwayeze ukuthi bazithengele izidlo zabo.
Uphinde wakhwela wadilika emadodeni, ewatshela ukuthi awahlukane nokuthi uma esezipotini aluthe abantu besifazane ngotshwala.
"Yekani ukufuna ucansi kubantu besifazane ngotshwala. Umuntu wesifazane uma umthengela utshwala, akube ukuthi uyakwenza nje ngoba uthanda, hhayi ngoba ubheke ukuthi alale nawe ekugcineni," kusho uCele.
Uthe ngokwezibalo zamacala, abantu besifazane abadlwenguliwe nababulelwe eMlaza naseNanda, kuvela ukuthi amaningi awo asuke evela ezipotini.
Uthe kuphinde kubakhathaze kakhulu ukuthi iNingizimu Afrika ilele isithupha emhlabeni wonke jikelele ngokusebenzisa kakhulu uphuzo oludakayo.
Uphinde wathi okunye okubakhathazayo ukuthi amacala amaningi okuhlukunyezwa kwabantu besifazane enzeka emiphakathini.
Uthe yikho bekhethe ukuthi benze le mashi kweyodwa yalezi zindawo ezihaqwe ilolu hlobo lobugebengu.
Uthe bakubone kukuhle ukuthi babambisane nezinhlaka ezahlukene ukuqwashisa yona imiphakathi ngalesi sihlava.
UMnuz Lucky Ntimane okhulumela iSouth African Liquor Traders Association, uthe bona amalungu abo ayazibophezela ukuthi uma kwenzeka noma iluphi uhlobo lokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ezindaweni zabo zokucima ukoma, bazosebenzisana namaphoyisa ukuze kuboshwe abenzi bobubi.
UProfessor Bonke Dumisa weKZN Liquor Authority, uthe nabo bayazibophezela ekubambisaneni nezinhlaka ezilwa nalesi sihlava ngoba kubaphatha kabi ukuthi amanye amalokishi amakhulu eNingizimu Afrika okuwuMlaza, kuthiwe yiwo ohamba phambili ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Uthe bafuna kuthi kushaya lesi sikhathi ngonyaka ozayo kube kukhulunywa ukuthi zehlile izibalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.