ABAYIZWA kahle eyesiphakamiso esenziwe uMengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuthi kucutshungulwe ukuthi ngeke yini ukugomela iCovid-19 kwenziwe kube yimpoqo kweminye imikhakha ukuze kuvikelwe abantu?
URamaphosa uthe kunethimba eliqokiwe elizocubungula libheke ukuthi lokho kungenzeka yini nokuthi kungenziwa kanjani?
Umengameli ulinganise ngokuthi kungabhekwa ukuthi ezindaweni ezihlanganisa umphakathi kuvunyelwe abantu abagomile kuphela kanti namanyuvesi nawo athi ngonyaka ozayo kungase kuvunyelwe abafundi abagomile kuphela ukuthi bafundele ngaphakathi.
USolwazi Abdul Karim Salim uthe okunye okungenziwa njengoba kunokwesaba ukuthi igciwane lakamuva i-Omicron lisabalala kakhulu, ukuthi emicimbini engaphakathi kuvunyelwe abantu abagonile kuphela ngoba mancane amathuba okuthi uma bethola leli gciwane bagule kakhulu.
Lesi siphakamiso kwabanye siyezwakala kodwa abanye bathi ngesikhathi kwethulwa umgomo weCovid-19 kuleli, kwathiwa kuzogoma abathandayo manje sekushintshile ukudla epuletini.
UNkk Lethiwe Dlamini waKwaMashu, uthe ubengakagomi ngoba ubesafuna ukubona ukuthi abagomile baphila kanjani, manje usezwa kuthiwa kungase kube yimpoqo ukugoma.
“Kuqale kwathiwa kugoma othandayo, kwabuye kwathiwa abaneminyaka ethile bazonikezwa amavawusha, manje sekuthiwa kunezindawo okungenzeka abangagomile bangangeni kuzo, kanti lo mgomo unani le okumele sonke siyithole? Kunani kanti uma ngingathandi ukugoma ngoba umzimba wami futhi imina engizogula”
“Ibuhlungu le nto eyenziwa uhulumeni. Kungukusivalela ekhoneni phela lokhu kokuthi kuthiwe kukhona lapho ongeke ungene khona uma ungagomile,” kusho yena.
UMnuz Sizwesakhe Thabethe uthe ngabe kungcono ukuthi uhulumeni uvulele nabelaphi bendabuko ukuthi nabo bakhiphe eyabo imithi ukuze abangawuthandi umgomo baphephele kubo.
“Abanikwa ngani ithuba abelaphi, sizwe ukuthi bona behluleka kuphi? Sabeleselwa ngemigomo okuthiwa umuntu uzolokhu ebuyela ngemuva kwesikhathi esithile eyogoma. Zolo lokhu, besitshelwa ukuthi abezempilo bazophinde bathole imijovo futhi ngoba lo mgomo abagoma ngawo usuphelile egazini. Kusho ukuthi sizoba ukudla komjovo njalo nje?” kusho yena
UNksz Nthethelole Mabuyakhulu waseThekwini, uthe bezwa kuthiwa nabantu abagomile kuyenzeka bagule.
“Abantu akumele baphoqwe ukuthi bajove, kumele umuntu azikhethele yena. Njengoba kuza isiwombe sesine seCovid-19, umuntu ojovile uyafana nongajovanga ngoba asikho isiqiniseko sokuthi uma ugomile ngeke ikuphathe i-Covid 19. Asiwazi amandla aleli gciwane elisha ukuthi mangakanani,” kusho uNksz Mabuyakhulu.
UMnuz Sofa Ngubane uthe kubalulekile ukugoma njengomuntu osebenza ngokuthutha abantu.
“Kuyangiphoqa ukuthi ngigome njengoba ngenza umsebenzi waka-Uber, ngokuhamba kwesikhathi bazothi angiveze ubufakazi ukuthi ngigomile ukuze ngizoqhubeka nokusebenza,” kusho uNgubane.
UMnuz Enerst Leteane waseMafikeng uthe uyabagqugquzela abantu ukuthi bagome.
“Mina anginankinga nokugoma, ngigomile konke kuhamba kahle. Akukho la ngigula khona .Kungakuhle kakhulu ukuthi abantu bagome,” kusho Leteane.
UNksz Lindiwe Mokhace uthe: “Mina ngiyitshele kahle indodakazi yami ukuthi ingake ilinge igome ngoba asazi nokuthi yini efakwe phakathi. Kubalulekile ukuthi saziswe ukuthi yini abasifaka yona emzimbeni yethu ukuze uma kwenzeka ugula, ukwazi ukuzelapha.
“Asibazi nobungozi bale nto abasijova ngayo. Njengoba kunabantu abagome ngomgomo ojova ngawo kabili, sekomela bagome okwesithathu njengoba kukhulunywa ngama-booster shots, ekubeni singazazi nezimpawu zaleli gciwane elisha.
“Angivumelani neze nokuthi kugonywe izingane zethu. Izinto zepolitiki zonke lezi manje, nathi basifaka kuzona.”
UNkk Nonhlanhla Nzuza uthe: “Inkinga yami ukuthi uma ngijovile ngiyagula, ngifisa sengathi bangabhekelelwa abantu abaguliswa umjovo. Uma bethi sigome ngenkani kusho ukuthi abanye bethu bayogula. Akukho engingakwenza uma bephoqa ukuthi abantwana besikole bagome, kumele ngivumele umthetho kahulumeni.”
UNksz Nompilo Khumalo uthe: “Abantu abake bagome baba nenkinga, umuntu agcine esegula ngenxa yokuthi uphoqwe emsebenzi ukuthi agome. Ngikhuluma nje usisi engihlala naye waphathwa isiyezi waquleka. Uhamba imitholampilo ngenxa yokugomela i-Covid 19. Abakwazi ukuziba ukuthi lo mjovo uyabagulisa abantu. Abakwazi ukusigoma ngenkani.”
U-Advocate Modidima Mannya, uthe uhulumeni unejoka lokuvikela amalungelo abantu, ngakho akukwazi ukuvunyelwa umuntu okwaziwayo ukuthi unobungozi bokuthi athelele abanye ngeCovid-19 ahlanganyele nabanye abantu.
“Uhulumeni ngeke aphoqe abantu ukuthi bagome kodwa angakwazi ukushaya umthetho wokuthi kuvikelwe abasengcupheni,” kusho u-Advocate Mannya.