Mbali Khanyile
UPHENYO ngengozi okubhubhe kuyo amalungu angu-13 omndeni wakwaMndali ngesonto eledlule, emgwaqweni uR617 KwaMashayelani, eKilmun, ngaseBulwer, luveza ukuthi yayingabhalisiwe ngokusemthethweni itekisi ababeyigibele bephuma emcimbini wokukhunyulwa kwenzilo.
Lokhu kuvezwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, obesenkonzweni yomngcwabo wakwaMndali ebisezinkundleni zemidlalo kule ndawo.
Uthe ukubhubha kwabantu emgwaqweni sekuholele ekutheni uhulumeni enze isivumelwano neSantaco sokubambisana emizameni yokulwa nezingozi zomgwaqo.
“Sithumela umyalezo wokuthi abantu abazibheke izimoto abazisebenzisayo. Okubi wukuthi abantu abaningi ababesetekisini bashonile. Lokho kusishiya nemibuzo engaphenduleki ngophenyo,” kusho uZikalala.
Uthe okubaphatha kabi wukuthi selokhu izwe likuthaqa, izingozi zomgwaqo ziyaqhubeka njengoba zingaphezulu kuka-77. Uthe sezidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezulu kuka-106.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uthe iKwaZulu-Natal yagubuzelwa yifu elimnyama kudlula abangu-13 bomndeni owodwa ngesonto eledlule.
“Ngesikhathi sifika nabaholi be-ANC emndenini sathola ukuthi kumasipala owodwa sekudlule abantu abane. Ngiphinde ngathola umbiko wokuthi kunengozi yeveni edlule nemiphefumulo eyisithupha yomndeni owodwa. KwaZulu-Natal ngempelasonto edlule sagubuzelwa yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kwabantu abangu-23,” kubeka uNtuli.
Itekisi kuthiwa yagingqika ikade iyofaka uphethroli egaraji eliseduze nalapho kwakunomcimbi khona kanti kuthiwa yayidla amagalani. Bangu-12 abantu abashonela endaweni yesigameko. Omunye kuthiwa washonela esibhedlela.
Khonamanjalo, kushone oyedwa kwalimala abayisithupha engozini yezimoto kuN2 eduze neTollgate yaseMvoti, ngoLwesihlanu ntambama.
Kuthiwa umshayeli obebheke ngaseBallito, uhlulwe ukulawula imoto yakhe ephaphalaze yaya emzileni obuhamba ezinye izimoto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa KwaDukuza. Amaphoyisa asaphenya.”