Khuekani Maseko
Isitatimende esikhishwe yibandla sithi izinsolo, ezingamampunge, ziyimizamo yokulimaza isithunzi sebandla.
Ekhuluma ohlelweni lwasebusuku Abasiki Bebunda kuKhozi FM ngoLwesithathu, uMfu Michael Ngubane, okhulumela ibandla, uthe uzungu luyimizamo yokwehlisa esikhundleni umsunguli webandla, uMfu Erlo Hartwig Stegen.
“Kukhona izinkulumo ezilokhu zivela ukuthi sekukhona okumele baphathe. Bephathe esekhona? Esadla anhlamvana? Cha ayinakwenzeka leyo nto ngoba sisebenzisana kahle naye. Yizo lezo zinto ezisusa lolu thuthuva olukhona,” kusho uNgubane.
Uthe umbango, oqhutshwa yingcosana, sewenze kwaba nabathile abaduba imikhiqizo eyenziwa ngaphakathi emishini, okuzogcina sekulambisa iningi elizophelelwa umsebenzi.
Phakathi kwezinsolo ezenziwe ngokuthiwa bangabagilwa bokuhlukumezeka, kukhona ezokushaya nezokudlwengula. UMarietjie Bothma obuye abe sezinhlelweni zethelevishini utshele iphephandaba iPOST elisesitebeleni esisodwa neSolezwe ukuthi wadlwengulwa uyise owayenesikhundla esiphezulu kule mishini kusuka eneminyaka emihlanu. Uveze ukuthi wafika kulo mndeni ayesiselwe kuwo owawuhlala kule mishini, wahlukunyezwa kangangoba kwesinye isikhathi wayebuye avalelwe namagundane, adliswe nezinja. Uthe ubaleke eseneminyaka ewu-16 wayohlala emgwaqweni kodwa ngenxa yokuthi wayengafundile kwazise abazali bakhe (abangamzali) babengamnikezanga ithuba lokuya esikoleni, wacoshwa wumfundisi thizeni wamhlalisa kwakhe.
Kuthiwa abamnyama, ikakhulu besifazane, kabavunyelwe ukuba nezinwele ezinde, baphoqwa ukuthi bazigunde kodwa abamhlophe bayavunyelwa ukuba nezinwele ezinde.
UNgubane ukuphikile lokho wagcizelela ukuthi abesifazane abagundayo bakwenza lokho ngokuyalelwa wuNkulunkulu ngakho akuphoqwe muntu. Uthe sekusungulwe ikomiti elizimele elihlanganisa nabameli elizophenya ngezinsolo. Umphumela wophenyo uyokwenekelwa umphakathi.
Embonweni oshicilelwe abakwaNews24 obhalwe ngumngani wabanye babagilwa, uthe umngani wakhe washona ngo-2013 ngenxa yengculazi. Kuthiwa ubengavunyelwe ukuthatha imishanguzo kodwa kugcizelelwa ukuthi athembele emkhulekweni.
USihlalo weKhomishini yamaLungelo aBantu, uSolwazi Bongani Majola, uthe kukhona okuningi okungalungile ngokuxhashazwa kwabantu ngaphakathi emishini ngakho ikhomishini izophenya ukuze kutholakale iqiniso mayelana, phakathi kokunye, nokuhlukunyezwa kwezingane.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uthe uzosebebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uma izinsolo ziyiqiniso, kukhona ababoshwayo.
UNgqongqoshe wawo, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe kuyakhathaza ukuthi izinsolo zenzeka ebandleni okuyindawo okumele ngabe ithathwa njengebalulekile ukuxazulula izinkinga zomphakathi.
“Ngeke siphumule singakalitholi iqiniso. Uhulumeni unomsebenzi wokuvikela labo abangenawo amandla okuzivikela. Singakujabulela ukubona amacala eyiswa enkantolo abenzi bawo bathole izigwebo ezibafanele.”
Yize kunezinsolo zokuthi amacala ayavulwa amaphoyisa awanyathele ngezinyawo kodwa uNgqongqoshe weMaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe zonke izinsolo ezikhona ziyaphenywa.