NKOSIKHONA CELE
BAKHUNGATHEKILE abesilisa abathathu abathi bondliswe ingane eyodwa ngowesifazane abebethandana naye ngokwehluka.
Laba besilisa basanda kwenzela le ngane yomfana iziphihli zamaphathi okuqeda unyaka ubaba ngamunye. Basola unina wengane oneminyaka engu-20 (esingeke silidalule igama lakhe ukuvikela ingane) waseChatsworth ngokudlala ‘ isitokofela’ ngengane.
Ngokokuthola kwaleli phephandaba, ithumbu mayelana nalokhu obese kuqhubeke unyaka wonke, liqhunjuswe ngelinye lamalungu omndeni elazise omunye wobaba ukuthi kudlalwa ngaye.
Omunye wobaba bengane oneminyaka engu-30 waseMzimkhulu, uthi ubefika njalo kubo kukanina wengane ezoletha izimfanelo zengane.
“ U.........ungitshele ukuthi empeleni sibathathu esifika sidedelana ukuzoletha izimfanelo zengane,” kusho lo yise wengane othi usanda kuyenzela umcimbi wokuthi iqede unyaka izelwe.
Ezwa lezo zindaba uthi unqume ukuxhumana nalaba abanye ababili, agcine ebatholile. Nabo bakhuze ibhadi.
“Mina angikaze ngiyibone into enje. Waze wasigila u.......
“Okungiphatha kabi ukuthi ngichithe imali eningi ngale ngane futhi naye bese ngihlela ukumlobola,” ebalisa.
Uthi nyanga zonke ubekhipha uR1 500. Aphinde athengele ingane izingubo zokugqoka nokudla.
Uthi ingane ike yabangwa nezibi, nangaleso sikhathi kunemali abeyinikeza unina yokuthi ingane igqigqe kodokotela.
Omunye uyise wengane oneminyaka ewu-31 oyiphoyisa, utshele leli phephandaba ukuthi uhlangane nonina wengane ngo-2018, naye uthi bahlangane eChatsworth.
Uthi ngesikhathi behlangana inkukhu yawusola umgqakazo, ebona sengathi lo wesifazane usekhulelwe.
“Sengibona manje ukuthi engangikusola kwakuyikho”.
Uthe nyanga zonke ubekhipha uR1200 wokondla ingane. Uthi ngoJulayi nonyaka usebenzise uR4 500 enzela ingane iphathi yokubungaza usuku lokuzalwa.
Ngaphandle kwalokho, uthi uyenzele nomsebenzi wokuyibika emadlozini, wayihlabele imbuzi.
Uthi ukhiphe imali eshisiwe kwelashwa ingane njengoba ike yagula, wasebenzisa uR14 000 ezibhedlela ezizimela.
Naye uthe ngoMashi ubehlela ukuyomlobala unina wengane.
Owesithathu yena oneminyaka ewu-29 uthi bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili u-8 bendawonye.
NgoDisemba uthi naye ubehlela ukuyovela kubo kukanina wengane ecabanga ukuthi usethole umfazi.
“Ngiyabonga ukuthi lokhu kuvele ngingakayi ukuyomlobola,” usho kanje.
Uthi wahlangana naye ngo-2014 eChatsworth njengoba esebenza kwesinye sezitolo e-The Ridge kule ndawo.
“Akaqali ukungigila u...... Angazi ukuthi kungani bengiqhubeka nokumethemba. Ngo-2018 wangenzela isimanga ekhipha isisu,” echaza.
Ukhale ngoR6 000 athi uwusebenzisele ukwenza iphathi yengane, abeyihlanganise nomcimbi wokuyibika edlozini.
Bobathathu bakhale ngokuthi lo wesifazane wenqaba ukuba baqambe ingane igama.
Wangagcina lapho ingane wayibiza ngesibongo sikamkhulu wakhe, wazishaya ngesithende zontathu izibongo zabo. Bobathathu basole uninakhulu walo wesifazane ngokuba ngungqondongqo “walo mdlalo”.
Ngemuva kokuthi unina wengane nonina bezwe lezi zindaba zokwazana koyise bengane, kuthiwa babalekile eChatsworth bagcwele amathafa, abaziwa ukuthi amabombo bawabhekisephi.
Naleli phephandaba lifike kukhala ibhungane ekhaya lalo wesifazane.
Ethintwa ngocingo lo wesifazane, ugagule omunye walabo ‘baba’ njengoyise wangempela wengane. Abanye wabaphika.
Ezithombeni labo baba babonakala bonke beshuthe nale ngane.
Kuyavela futhi ukuthi empeleni kukhona owesilisa wesine naye owazi ukuthi unguyise wale ngane,
kodwa imizamo yokuxhumana naye ayiphumelelanga.
Laba besilisa bathe bahlale phansi baxoxisana bavumelana ngokuthi bazomphoqa lo wesifazane ukuthi kuyokwenziwa ulibofuzo, ukuze kucace ukuthi ngempela ingane ekabani.